Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 27:1 - IsiZulu 2020

UMose namalunga akwa-Israyeli bayala abantu, bathi: “Gcinani yonke imiyalo esiniyala ngayo namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UMose namalunga akwa-Israyeli bayala abantu, bathi: “Gcinani yonke imiyalo esiniyala ngayo namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UMose kanye namalunga akwa-Israyeli babayala abantu, bathi: “Gcinani yonke imiyalo enginiyala ngayo namuhla.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 27:1
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngakho-ke phambi kwabo bonke abakwa-Israyeli, ibandla likaSimakade, nasezindlebeni zikaNkulunkulu wethu, bonani nifune yonke imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu ukuze nilidle leli lizwe elihle, nize nilishiye, libe yifa labantwana benu ingunaphakade.


Bayobeka ithemba labo kuNkulunkulu, bangakhohlwa yimisebenzi kaNkulunkulu, ukuze bagcine imiyalo yakhe.


Kepha uJesu wathi: “Yebo kunjalo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”


Nina ningabangani bami, inqobo nje uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


Lawa ngamazwi uMose awakhuluma kubo bonke abakwa-Israyeli phesheya kweJordani, ehlane i-Araba, maqondana neSufi, phakathi kwePharanu, iThofeli, iLabhani, iHazerothi, neDi Zahabhi.


Niyakuqikelela ukugcina zonke izimiso nezehlulelo engizibeka phambi kwenu namuhla.”


“Namuhla uSimakade uNkulunkulu wakho ukuyala ukuba ugcine lezi zimiso nezehlulelo; uyoqikelela ukuba uzigcine, uzenze ngayo yonke inhliziyo yakho.


ukuze akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe azenzileyo ngokubongwa, ngegama, nangodumo, ube yisizwe esingcwele kuSimakade uNkulunkulu wakho, njengokusho kwakhe.”


Kuyothi mhla niwela iJordani niya ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, uyozimisela amatshe amakhulu, uwahuqe ngomcako,


Niyakugcina ngokucophelela imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.


Ngokuba ogcina wonke umthetho, kodwa akhubeke kowodwa nje, unecala kuwo wonke.