Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 26:3 - IsiZulu 2020

Uyoya kumphristi oyobe elapho ngalezo zinsuku, uthi kuye: ‘Ngiyaqinisa namuhla kuSimakade uNkulunkulu wakho ukuthi sengifikile ezweni uSimakade afunga kokhokho ukusinika lona.’

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Uyakuya kumpristi oyakuba khona ngalezo zinsuku, uthi kuye: ‘Ngiyabika namuhla kuJehova uNkulunkulu wakho ukuthi sengifikile ezweni uJehova alifungela obaba ukusinika lona.’

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Uyakuya kumpristi oyakuba khona ngalezo zinsuku, uthi kuye: ‘Ngiyavuma namuhla kuJehova uNkulunkulu wakho ukuthi ngingenile ezweni uJehova alithembisa obaba ngesifungo ukusinika lona nika.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 26:3
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngikunika lonke iKhanani ongumfokazi kulo njengamanje, libe yifa lakho laphakade nelezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wazo.”


Hlala kuleli lizwe njengomfokazi, Mina ngizoba nawe ngikubusise. Wonke lawa mazwe ngizokunika wona, wena nezizukulwane zakho, futhi ngisifeze isifungo engasenza ku-Abhrahama uyihlo.


Bhekani, lelo lizwe ngininika lona; ngenani nilidle, yizwe uSimakade afunga kokhokho benu, o-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe ukuthi uzobanika lona, bona nezizukulwane zabo.’


bobabili labo bantu abaxabeneyo bayokuma phambi kukaSimakade, naphambi kwabaphristi nabehluleli abayobe bekhona ngaleso sikhathi.


Uyothatha ulibo lwezithelo zonke zomhlabathi oyoluvuna ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.


Umphristi uyothatha iqoma esandleni sakho, alibeke phansi, phambi kwe-althare likaSimakade uNkulunkulu wakho.


njengokuba sinomphristi omkhulu wendlu kaNkulunkulu,


Ngakho-ke ngaye, masinikele umhlatshelo wokudumisa kuNkulunkulu, okuyisona sithelo sezindebe zomlomo wethu, sivume igama lakhe.


Ngokuba umphristi omkhulu onjengaye usifanele thina; ongcwele, ongenacala, ongenasici, owehlukanisiwe kwabayizoni, owenziwe waphakama phezu kwamazulu.


Nani njengamatshe aphilileyo, nakhiwe nibe yindlu yokomoya, ubuphristi obungcwele, ukuze ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu, ngaye uJesu Khristu.