Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe, kodwa onomusa kontulayo uhlonipha uMenzi wakhe.
UDuteronomi 24:14 - IsiZulu 2020 “Awuyukuyicindezela inceku eqashiweyo, empofu nentulayo, noma ngabe ingumfowenu noma ingumfokazi osezweni lakini emzini wakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Awuyikucindezela inceku eqashiweyo empofu neswelayo, noma ingowabafowenu noma ingowabafokazi abasezweni lakini phakathi kwamasango akho; Contemporary Zulu Bible 2024 Ungacindezeli isisebenzi sosuku esimpofu nesiswelayo, kungakhathaliseki ukuthi sivela kubafowenu noma sivela kubafokazi abasezweni lakini phakathi kwamasango akho. |
Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe, kodwa onomusa kontulayo uhlonipha uMenzi wakhe.
Babaphatha ngendlakadla oyise nonina kuwe, abafokazi abagogobele kuwe babacindezela, kwathi izintandane nabafokazi abakuwe baphathwa kabi.
“ ‘Awuyukumcindezela umakhelwane wakho, awuyukumphanga. Awuyukugodla inkokhelo yesisebenzi esiqashiweyo kuze kube ngakusasa.
Bagxobagxoba amakhanda abampofu othulini lomhlabathi, bachezukisa abathobekileyo endleleni; indodana noyise baya entombini, kanjalo-ke balihlambalaze iGama lami elingcwele.
Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”
“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.
Hlalani kuleyo ndlu, nidle, niphuze abanipha khona, ngokuba isisebenzi siyifanele inkokhelo yaso. Ningaphumi ningena izindlu ngezindlu.
“Uma kukhona ompofu phakathi kwenu, engomunye wabafowenu, ehlala komunye wemizi esezweni lakini uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona, aniyukuyenza lukhuni inhliziyo yenu; aniyukumncisha lutho kweninakho umfowenu ontulayo.
Ngokuba umbhalo, uthi: “Ungayifaki isimfonyo inkabi ebhulayo,” futhi uthi: “Isisebenzi sifanelwe wumholo waso.”