Kwathi kamuva uDavide wakuzwa lokho, wathi: “Mina nombuso wami asinacala kuSimakade kuze kube phakade ngegazi lika-Abhineri, indodana kaNeri.
UDuteronomi 21:8 - IsiZulu 2020 Simakade, thethelela abantu bakho, u-Israyeli, obahlengileyo. Susa igazi elingenacala phakathi kwabantu bakho, u-Israyeli,’ ngakho bayothethelelwa icala legazi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Thethelela, Jehova, abantwana bakho u-Israyeli obahlengileyo, ungavumeli igazi elingenacala phakathi kwabantu bakho u-Israyeli,’ bese bethethelelwa igazi lelo. Contemporary Zulu Bible 2024 Yiba nomusa, Jehova, kubantu bakho u-Israyeli owabahlengayo, unganiki umyalo wabantu bakho u-Israyeli igazi elingenacala. Futhi igazi bayothethelelwa. |
Kwathi kamuva uDavide wakuzwa lokho, wathi: “Mina nombuso wami asinacala kuSimakade kuze kube phakade ngegazi lika-Abhineri, indodana kaNeri.
Inkosi yathi kuye: “Yenza njengalokhu eshilo; mthelekele umbulale, ummbele, ukuze ususe kimi nasendlini kababa igazi elachithwa ngeze nguJowabe.
nangenxa yegazi elingenacala ayelichithile, wagcwalisa iJerusalema ngalo, lokho uSimakade akazange avume ukukuthethelela.
Kuphela yazini nokwazi ukuthi uma ningibulala, niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu, phezu kwalo muzi, naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngokweqiniso nguSimakade ongithume kini ukuba ngisho wonke lawa mazwi ezindlebeni zenu.”
Babefeba eGibhithe, bafeba kusukela ebusheni babo; amabele abo awotwawotwa khona, zapotozwa lapho izingono zobuntombi babo.
engayilethanga emnyango wethende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaSimakade ngaphambi kwethabanakeli likaSimakade, lowo muntu uyakubekwa icala legazi, ngokuba uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo.
Amatilosi akhuleka kuSimakade, athi: “Ungasibhubhisi Simakade, ngenxa yale ndoda. Ungasisoli ngokuthi sibulele umuntu ongenacala; siyazi ukuthi Wena unguSimakade, wenza njengokuthanda kwakho.”
Liyakubizwa kini lonke igazi labalungileyo elachithwa emhlabeni, kusukela egazini lika-Abela olungileyo, kuze kube kwelikaZakhariya indodana kaBharakiya, enambulala phakathi kwethempeli ne-althare.
Ayofakaza athi: ‘Izandla zethu azilichithanga leli gazi, namehlo ethu awakubonanga lokhu.