Ngalobo busuku wavuka, wathatha amakhosikazi akhe omabili, nezancinza zakhe zombili, namadodana akhe ayi-11, wabawelisa izibuko lomfula iJabhoki.
UDuteronomi 2:37 - IsiZulu 2020 Nokho izwe labakwa-Amoni awuzange usondele kulo, kusukela engxenyeni engenhla yomfula iJakobi, nemizi ekwelezintaba, njengakho konke uSimakade uNkulunkulu ayesiyale ngakho.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE izwe labantwana bakwa-Amoni nokho awusondelanga kulo, uhlangothi lomfula iJaboki, nemizi esezintabeni, nakuphi lapho uNkulunkulu wasenqabela khona. Contemporary Zulu Bible 2024 Kuphela ezweni labantwana bakwa-Amoni anifikanga kuzo, nakuyo yonke indawo yomfula iJabhoki, nasemizini yasezintabeni, nakho konke uJehova uNkulunkulu wethu asenqabele ngakho. |
Ngalobo busuku wavuka, wathatha amakhosikazi akhe omabili, nezancinza zakhe zombili, namadodana akhe ayi-11, wabawelisa izibuko lomfula iJabhoki.
Abakwa-Israyeli bamnqoba ngenkemba, badla izwe lakhe kusukela e-Arinoni kuze kufike eJabhoki, baye bangquleka kwa-Amoni, ngoba umngcele wabakwa-Amoni uqinile.
Akothi lapho ususeduze nabakwa-Amoni, ungabakhathazi, ungalwi nabo, ngokuba angiyukukunika izwe labakwa-Amoni libe yifa lenu, lokhu ngibanike lona abozalo lukaLothi libe yifa labo.’ ”
ningalwi nabo, ngokuba angiyukuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, ngokuba iSeyiri ngalinika u-Esawu ukuba libe yifa lakhe.
“USimakade wayesethi kimi: ‘Ungamkhathazi uMowabi, ungabahlaseli ukuba ulwe nabo, ngokuba angiyukukunika izwe lakhe libe yifa lakho, njengalokhu ngabanika lona abozalo lukaLothi, i-Ari, libe yifa labo.’ ”
AbakwaRubeni nabakwaGadi ngabanika kusukela kwaGileyadi kuze kube sesigodini i-Arinoni, phakathi nesigodi kwaba ngumngcele wabo. Umfula iJakobi ingumngcele wabantu bakwa-Amoni,
inkosi uSihoni wama-Amori owayehlala eHeshibhoni, ebusa kusukela e-Aroweri elisonqenqemeni lwesigodi i-Arinoni, naphakathi nesigodi, kuze kufike emfuleni iJabhoki, umngcele wama-Amoni okungukuthi yingxenye kwaGileyadi,
wathi kuyo: “Yilokhu okushiwo nguJeftha, uthi abakwa-Israyeli abazange balithathe izwe lakwaMowabi nelabakwa-Amoni,
Balidla lonke izwe lama-Amori, kusukela e-Arinoni kuye eJabhoki, nasehlane kuze kube seJordani.