okuthe ngonyaka weshu-14, uKhedoloma namakhosi ayebambisene nawo bahlasela amaRefa e-Ashitherothi Karinayimu, amaZuzi eHamu, ama-Emi eShave Kiriyathayimi,
UDuteronomi 2:20 - IsiZulu 2020 Nalelo kwakuthiwa yizwe lamaRefa, ngoba amaRefa ahlala kulo kuqala. Abakwa-Amoni babewabiza ngokuthi ngamaZamuzumi, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nalelo lithiwa izwe lamaRefa; amaRefa ahlala khona kuqala; kepha abakwa-Amoni bawabiza ngokuthi amaZamuzumi, Contemporary Zulu Bible 2024 (Lalibhekwa njengezwe lamaRefa; amaRefa ayehlala kulo ezikhathini zasendulo; abantwana bakwa-Amoni bababiza ngokuthi amaSamumu; |
okuthe ngonyaka weshu-14, uKhedoloma namakhosi ayebambisene nawo bahlasela amaRefa e-Ashitherothi Karinayimu, amaZuzi eHamu, ama-Emi eShave Kiriyathayimi,
Nabo njengama-Anaki, kwakuthiwa ngamaRefa, kodwa abakwaMowabi babebabiza ngama-Emi.
abantu abakhulu, abaningi, nabade njengama-Anaki. USimakade wawabhubhisa bebuka, wawaphuca izwe lawo, kwase kwakha abakwa-Amoni endaweni yawo.
Ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBhashani, owasala ensalini yamaRefa. Bheka, ibhokisi lakhe lomngcwabo kwakungelensimbi, alitholakali yini eRabha labantu bakwa-Amoni na? Ubude balo bungamakhubhithi ayisishiyagalolunye, ububanzi balo bungamakhubhithi amane, ngokwesilinganiso.