UDuteronomi 19:18 - IsiZulu 2020 Abehluleli bayophenyisisa; bheka, uma ufakazi engufakazi mbumbulu obefakaza amanga ngomuntu wezwe lakubo, IBHAYIBHELI ELINGCWELE abahluleli baphenyisise; bheka, uma ufakazi engufakazi wamanga ofakazile amanga ngomfowabo, Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi abahluleli kufanele babuze ngokucophelela; bheka, uma ufakazi engufakazi wamanga, efakaze amanga ngomfowabo; |
Uze unganginikeli kokufiswa yizitha zami ngami, ngokuba ofakazi bamanga bangivukele, babhodla umlilo.
Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona, abantwana bawo, nomkawo; izingonyama zabathelekela, zaqhobozela amathambo abo bengakafinyeleli naphansi emphandwini.
uyohlola, uphenyisise, ubuzisise. Bheka, uma kuyiqiniso ukuthi leso sinengiso senziwe phakathi kwenu,
bese ubikelwa ngakho, uzwe, ubuzisise ngakho, uthole ukuthi kuyiqiniso, leyo nto enjalo eyisinengiso yenziwe kwa-Israyeli,
“Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, bese beya esigcawini sokwehlulela, kuthethwe icala labo, liyomthetha icala olungileyo, limlahle onecala.