Abanamadlozi, abathakathi, amatherafi, izithombe nazo zonke izinengiso ezazibonakala kwaJuda naseJerusalema, uJosiya wakususa ukuze afeze amazwi omthetho alotshwe encwadini uHilikiya, umphristi, ayeyithole endlini kaSimakade.
UDuteronomi 18:12 - IsiZulu 2020 Yilowo nalowo owenza lezo zinto uyisinengiso kuSimakade, ngenxa yalezo zinengiso, uSimakade uNkulunkulu wakho wazixosha lezo zizwe phambi kwakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova; ngenxa yalezi zinengiso uJehova uNkulunkulu wakho uyabaxosha phambi kwakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba bonke abenza lezi zinto bayisinengiso kuJehova; futhi ngenxa yalezi zinengiso uJehova uNkulunkulu wakho uyazixosha phambi kwakho. |
Abanamadlozi, abathakathi, amatherafi, izithombe nazo zonke izinengiso ezazibonakala kwaJuda naseJerusalema, uJosiya wakususa ukuze afeze amazwi omthetho alotshwe encwadini uHilikiya, umphristi, ayeyithole endlini kaSimakade.
ngiyakuwunikela esandleni somholi wezizwe, impela yena uyakwenza okufanele kuwo ngangokukhohlakala kwawo, bese ngiwuxosha.
“ ‘Ningazingcolisi noma ngayiphi yalezo zinto, ngokuba izizwe engazixosha phambi kwenu zazizingcolisa ngazo.
Izwe lonakele, yingakho ngalihambela ngenxa yobubi balo ukuze ngilijezise, izwe labaphalaza abantu balo.
ngokuba abantu bezwe abaphambi kwenu bazenzile lezi zinengiso, ngakho-ke izwe langcola.
nomLevi ophakathi kwamasango akho awuyukumlahla, ngokuba akanasabelo nafa nawe.
“Owesifazane akanakugqoka izinto zabesilisa, nowesilisa makangayigqoki ingubo yowesifazane, ngokuba yilowo nalowo owenza lokho uyisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.”
“Ungalokothi uzitshele enhliziyweni yakho, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esebaxoshile phambi kwakho, uthi: ‘Kwaba ngenxa yokulunga kwami ukuba uSimakade angingenise ukuze ngilidle leli lizwe,’ kodwa kungenxa yobubi balezo zizwe uSimakade azixoshile phambi kwakho.
Akubanga ngenxa yokulunga kwakho noma ubuqotho benhliziyo yakho ukuba ungene ulidle izwe lazo, kodwa kungenxa yobubi balezo zizwe uSimakade uNkulunkulu wakho azixoshile phambi kwakho, ukuze aqinise izwi uSimakade afunga ngalo kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka noJakobe.