UDuteronomi 18:11 - IsiZulu 2020 owenza iziphonso, othinta imimoya yabangasekho, nobiza akhuphule imimoya yamadlozi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana. Contemporary Zulu Bible 2024 noma umthakathi, noma umluleki, noma umthakathi, noma ofileyo. |
Uma bethi kini: “Hambani nihlole kwabanamadlozi nabanemimoya, abahhumuzelayo, banyenyeze,” kanti isizwe akumele yini sibuze kuNkulunkulu waso na? Singabahlolela yini abaphilayo,
“ ‘Aniyukuphendukela emadlozini nakubathakathi, ningazingcolisi ngabo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.
“ ‘Owesilisa noma owesifazane ongenwe yidlozi, noma ngumoya wokubhula, uyobulawa nokubulawa, akhandwe ngamatshe, igazi lakhe libe phezu kwakhe.’ ”
“ ‘Nalowo muntu oyakuphendukela kwabanamadlozi nakwabathakathayo ukuba aphinge nabo, ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.
Kwathi lapho siya endaweni yokukhuleka, kweza intombazane enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.
USawule wazifihla, wembatha ezinye izingubo, wahamba nabantu bakhe ababili, bafika kowesifazane ebusuku, wathi: “Ake ungibhulele ngedlozi, ungenyusele lowo engiyakumusho kuwe.”