“ ‘Noma ngubani obulala umuntu, uyobulawa ngenxa yobufakazi obethulwe ngaye. Kepha akekho oyobulawa ngenxa yobufakazi bomuntu oyedwa.
UDuteronomi 17:6 - IsiZulu 2020 Ngobufakazi bofakazi ababili noma abathathu lowo ofanele ukufa, uyakubulawa. Kodwa ngobufakazi bomuntu oyedwa, akayukubulawa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngomlomo wawofakazi ababili noma ngowawofakazi abathathu uyakubulawa lowo ofanele ukufa; ngomlomo wofakazi munye akayikubulawa. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngomlomo wawofakazi ababili noma kofakazi abathathu, lowo ofanele ukufa makabulawe; kodwa ngomlomo wofakazi oyedwa kayikubulawa. |
“ ‘Noma ngubani obulala umuntu, uyobulawa ngenxa yobufakazi obethulwe ngaye. Kepha akekho oyobulawa ngenxa yobufakazi bomuntu oyedwa.
Kepha uma engakulaleli, thatha abe munye noma babe babili, ukuze konke okuzodingidwa kuqiniswe ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu.
“Konje umthetho wakithi uyamlahla yini umuntu ngecala ungakamuzwa eziphendulela kuqala, bese wazi-ke ukuthi wenzeni na?”
Lokhu sekungokwesithathu ngiza kini. “Noma yiliphi izwi malifakazelwe ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu, bese liyaqiniswa.”
“Ubufakazi obuyokwethulwa ngumuntu oyedwa abunakumcindezela umuntu ngobubi, ngesono, noma nangasiphi isono one ngaso. Kodwa ngubufakazi bofakazi ababili noma abathathu obuyoyenza indaba ime iqine.
Noma ngubani ophule umthetho kaMose uyakufa engenakuhawukelwa ngezwi lofakazi ababili noma abathathu.