Zonke izizwe zakwa-Israyeli zeza kuDavide eHebhroni, zathi kuye: “Uyabona, thina siyithambo lakho nenyama yakho.
UDuteronomi 17:15 - IsiZulu 2020 uyombeka nokumbeka akubuse, uSimakade uNkulunkulu wakho ayakumkhetha; uyobeka omunye wabafowenu abe yinkosi, akubuse, ukuze ungabeki owezizwe, ongesiye umfowenu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE uyakumbeka nokumbeka abe yinkosi phezu kwakho yena uJehova uNkulunkulu wakho ayakumkhetha; uyakubeka omunye wabafowenu inkosi phezu kwakho, ungabeki phezu kwakho owezizwe, ongesiye umfowenu. Contemporary Zulu Bible 2024 Kumelwe ummise abe yinkosi phezu kwakho kukho konke uJehova uNkulunkulu wakho ayakumkhetha; omunye wabafowenu kumelwe umise inkosi phezu kwakho; awuyikumisa phezu kwakho umfokazi ongesiye umfowenu. |
Zonke izizwe zakwa-Israyeli zeza kuDavide eHebhroni, zathi kuye: “Uyabona, thina siyithambo lakho nenyama yakho.
Ngesikhathi esedlule, sisabuswa yinkosi uSawule, nguwe owawuhola u-Israyeli ephuma noma ebuya empini. USimakade wathi kuwe: ‘Wena uyokwelusa abantu bami, u-Israyeli, uyokuba ngumbusi phezu kuka-Israyeli.’ ”
Nanti inani lezinhloko ezazihlomile ezeza kuDavide eHebhroni, ukuba ziguqulele kuye umbuso kaSawule njengokusho kwezwi likaSimakade.
Uyakulakhela igama lami indlu; uyakuba yindodana yami, Mina ngibe nguyise. Isihlalo sakhe sobukhosi sombuso wakhe kwa-Israyeli ngiyosimisa kuze kube phakade.’
Emadodaneni ami wonke, ngokuba uSimakade ungiphile amadodana amaningi, ukhethe uSolomoni, indodana yami, ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaSimakade kwa-Israyeli.
Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngogcotshiweyo kaSimakade, bathi:
Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo, nomphimbo wakho ukuba ungomi; kepha wena wathi: ‘Kuyize; qha, ngiyabathanda onkulunkulu babezizwe, ngizobalandela.’
Isikhulu siyakuba ngomunye wabo, nombusi walo uyakuvela phakathi kwabo. Ngiyakumsondeza, asondele kimi, ngokuba ngubani oke waba nesibindi sokusondela kimi na?’ kusho uSimakade.
Ngakho-ke sitshele ukuthi yikuphi okulungile. Kuvunyelwe yini ukukhokha intela kuKhesari noma qha na?”
USamuweli wathi kubo bonke abantu: “Niyambona lowo uSimakade amkhethileyo, ukuthi akekho onjengaye phakathi kwabantu bonke na?” Bonke abantu bakhamuluka bathi: “Mayime njalo inkosi!”
Umeme uJese eze emhlatshelweni; Mina ngiyokwazisa ukuthi kufanele wenzeni. Uyongigcobela lowo engiyakumusho kuwe.”
athi kuye: “Bheka, usumdala manje, amadodana akho awahambi ezindleleni zakho; sibekele inkosi ukuba isehlulele njengezizwe zonke.”