Ngalolo lusuku uSimakade wabakhipha abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.
UDuteronomi 16:1 - IsiZulu 2020 “Gcina inyanga ka-Abibi, wenze iphasika kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi, uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibhithe ebusuku. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Gcina inyanga ka-Abibi, nilenze iphasika likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibithe ebusuku. Contemporary Zulu Bible 2024 Gcina inyanga ka-Abibi, wenze iphasika ekudumiseni uJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibithe ebusuku. |
Ngalolo lusuku uSimakade wabakhipha abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.
UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo.
“Ngenyanga u-Abibi, inyanga owaphuma ngayo eGibhithe, uyogubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo ngendlela engakuyala ngayo. Ezinsukwini eziyisikhombisa zalo mkhosi ungasidli isinkwa esinemvubelo. Makungezi muntu phambi kwami engaphethe lutho.
“Uyowugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa njengoba ngakuyala, ngesikhathi esimisiweyo ngenyanga u-Abibi, ngokuba ngale nyanga waphuma eGibhithe.
Uyonikela ngephasika kuSimakade uNkulunkulu wakho ezimvini nasezinkomeni endaweni uSimakade ayoyiqokela ukuba kuhlale kuyo igama lakhe.