UDuteronomi 12:23 - IsiZulu 2020 Qaphelani kuphela ukuba ningalidli igazi, ngokuba igazi lingumphefumulo. Aniyukuwudla umphefumulo kanye nenyama. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Qaphela kuphela ukuba ungalidli igazi, ngokuba igazi lingumphefumulo; awuyikuwudla umphefumulo kanye nenyama. Contemporary Zulu Bible 2024 Qaphelani nje ukuthi kalidli igazi, ngoba igazi liwukuphila; futhi aniyikudla ukuphila kanye nenyama. |
Ngakho-ke batshele lokhu, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Nina nidla okunegazi, niphakamisa amehlo enu ezithombeni zenu, nichitha igazi. Pho niyakulidla kanjani izwe libe yifa lenu na?
“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyomelana nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kwabakubo.
Ngokuba ukuphila komzimba kusegazini; ngininike lona ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana e-althare, yigazi elenza ukubuyisana.
Aniyukulidla igazi, noma ngelenyoni noma ngelenkomo kunoma yiyiphi yezindlu zenu.
njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”
Kepha masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokudla inyama yesilwane esiklinyiwe, nokusenegazi.
Njengalokhu nidla insephe nendluzele, niyakukudla kanjalo. Ongcolileyo nohlambulukileyo bayakudla ngokufanayo.
Ahlabelela iculo elisha, elithi: “Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi, nokuqaqa izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuyo yonke imindeni, izilimi, abantu, nezizwe.
Bayithelekela impango: bathatha izimvu, izinkabi namankonyane, bakuhlaba, bakudla kusenegazi.
Abanye base bembikela uSawule, bathi: “Uyabona-ke, abantu sebonile kuSimakade badla okunegazi.” Wathi uSawule: “Nenze kabi, ngakho-ke namuhla gingqelani kimi itshe elikhulu.”