UDuteronomi 11:6 - IsiZulu 2020 nalokho akwenza kuDathani naku-Abhiramu, amadodana ka-Eliyabe kaRubeni, lapho umhlaba uvula umlomo wawo ubagwinya nabendlu yabo, amathende abo, nayo yonke imfuyo yabo eyayiphakathi kwabo bonke abakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nowakwenzayo kuDathani naku-Abiramu amadodana ka-Eliyabe kaRubeni ukuthi umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nabendlu yabo, namatende abo, nayo yonke imfuyo eyabalandelayo phakathi kwabo bonke abakwa-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 nalokho akwenza kuDathani no-Abiramu, amadodana ka-Eliyabe, indodana kaRubeni, ukuthi umhlaba wawuvula umlomo wawo, wabagwinya, bona nezindlu zabo, namatende abo, nempahla yonke ababeyifa. Wonke u-Israyeli: |
Umhlaba uyophihlizwa, ube yimvithi, uqhekezeke, umhlaba uyakuzanyazanyiswa kanzima.
“Ubaba wafela ehlane, wayengekho phakathi kweviyo labavukela uSimakade, iviyo likaKhora. Kepha wafela esakhe isono engenandodana.