U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.”
UDuteronomi 11:17 - IsiZulu 2020 bese intukuthelo kaSimakade inivuthela, avale izulu, ukuze kungabi bikho mvula, izwe lingabe lisathela zithelo, niphele masinyane ezweni elihle uSimakade aninika lona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE intukuthelo kaJehova inivuthele, avale izulu, ukuze kungabikho mvula, izwe lingabe lisathela izithelo zalo, niphele masinyane ezweni elihle uJehova aninika lona. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona-ke ulaka lukaJehova lunivuthela, wavala izulu ukuba kungabikho mvula, nomhlabathi unganiki izithelo zawo; futhi ningashabalali masinyane ezweni elihle uJehova aninika lona. |
U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.”
“Lapho izulu livaliwe, kungekho mvula, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bekhuleka bekule ndawo, badumise iGama lakho, baphenduke esonweni sabo, abashaywe ngenxa yaso,
“Lapho izulu livaliwe, kungekho mvula, ngenxa yokuba bonile kuwe, bese bekhuleka bebheke kule ndawo, bavume igama lakho, baphenduke esonweni sabo, ngoba uyabajezisa,
“Uma ngivala izulu, imvula ingani, noma ngiyala isikhonyane ukuba sidle okusezweni, noma ngithumela ubhubhane kubantu bami,
Ngiyakuqeda ukuqhosha ngamandla enu, ngenze izulu lenu libe njengensimbi, nomhlabathi wenu ube njengethusi.
Isithukuthuku senu siyophelela obala; izwe lenu aliyukuthela lutho, nemithi ekulo ayiyukuthela zithelo.
“Nganigodlela futhi nemvula, kusasele izinyanga ezintathu kuvunwe; ngayidedela komunye umuzi; ngangalinisa komunye, ngayidedela kwesinye isiqephu sezwe, ngangalinisa kwesinye isiqephu, kwathi isiqephu engananga kuso sasha.
Ngokuba lapho sengibangenisile ezweni engafunga kokhokho babo, izwe elichichima ubisi noju, bayodla, basuthe, bakhuluphale, bese bephendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangedelele, basephule isivumelwano sami.
ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngufakazi ngani namuhla, ukuthi niyakuqothulwa niphele masinyane ezweni eniwela iJordani ukuba nilidle. Izinsuku zenu aziyukwanda kulo, niyakuqothulwa nokuqothulwa.
ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ophakathi kwakho unguNkulunkulu onomhawu, funa intukuthelo kaSimakade uNkulunkulu wakho ikuvuthele, ikushabalalise ebusweni bomhlaba.
Nakuba ngangilwesaba ulaka nentukuthelo uSimakade ayenithukuthelele ngakho ukuba anibhubhise, nokho uSimakade wangizwa futhi nangaleso sikhathi.