USimakade wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa onxuse ngakho phambi kwami. Ngiyibusisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke igama lami kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuhlala kuyo zonke izinsuku.
UDuteronomi 11:12 - IsiZulu 2020 Liyizwe uSimakade uNkulunkulu wakho alinakekelayo; amehlo kaSimakade uNkulunkulu wakho ahlala eliqaphe njalo, kusukela ekuqaleni konyaka kuze kube sekupheleni kwawo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE izwe elinakekelwa nguJehova uNkulunkulu wakho; amehlo kaJehova uNkulunkulu wakho akulo njalo, kusukela ekuqaleni komnyaka kuze kube sekupheleni komnyaka. Contemporary Zulu Bible 2024 Izwe uJehova uNkulunkulu wakho alinakekelayo; amehlo kaJehova uNkulunkulu wakho akulo njalo, kusukela ekuqaleni konyaka kuze kube sekupheleni konyaka. |
USimakade wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa onxuse ngakho phambi kwami. Ngiyibusisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke igama lami kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuhlala kuyo zonke izinsuku.
ngize ngifike, nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lokusanhlamvu nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini, izwe leminqumo, lamafutha amasha neloju, ukuba niphile, ningafi.’ “Futhi ningamlaleli uHezekiya, lapho enidukisa ethi: ‘USimakade uzosisindisa.’
Kepha uNkulunkulu wabo wayenabo, ngakho-ke izikhulu zakwaJuda zanquma ukungawumisi umsebenzi zize zibhalele uDariyu, zithole kuye impendulo.
Impela iso likaSimakade liphezu kwalabo abamesabayo, kulabo abethembela emseni wakhe,
Amehlo kaSimakade aqaphela abalungileyo, izindlebe zakhe zivulekele ukukhala kwabo.
ngize ngifike, nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lokusanhlamvu nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini.’
Amehlo ami ngiyakuwabhekisa kubo, kube kuhle, ngibabuyisele kuleli lizwe; ngibakhe ngingababhidlizi, ngibatshale ngingabasiphuli.