Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UDuteronomi 1:6 - IsiZulu 2020

“USimakade uNkulunkulu wethu wakhuluma kithi eHorebhe, wathi: ‘Senihlale isikhathi eside kule ntaba;

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“UJehova uNkulunkulu wethu wakhuluma kithi eHorebe, wathi: ‘Sekuyisikhathi eside nihlale kule ntaba;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UJehova uNkulunkulu wethu wakhuluma kithi eHorebe, wathi: “Senihlale isikhathi eside kule ntaba.

Uka jalj uñjjattʼäta



UDuteronomi 1:6
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngizobe ngimi phambi kwakho laphaya edwaleni eHorebhe. Uyakulishaya idwala kuphume amanzi kulo, ukuze abantu baphuze.” UMose wenza kanjalo ebuka amalunga akwa-Israyeli.


UMose wayelusa umhlambi womukhwe wakhe uJethro, umphristi wakwaMidiyani. Wawuqhuba wedlula ehlane, waze wayofika eHorebhe entabeni kaNkulunkulu.


Noma lalihleli phezu kwethabanakeli izinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani, abakwa-Israyeli babehlala enkanjini bangaqhubeki nohambo, kodwa kwakuthi lapho liphakanyiswa, bahambe.


Ngaphesheya kweJordani, kwaMowabi, uMose waqala ukuwuchaza lo mthetho, wathi:


njengakho konke owakucela kuSimakade uNkulunkulu wakho eHorebhe ngosuku lomhlangano, wathi: ‘Mangingabe ngisalizwa izwi likaSimakade uNkulunkulu wami, nalo mlilo omkhulu kangaka mangingabe ngisawubona, funa ngife.’


USimakade uNkulunkulu wethu wenza isivumelwano nathi eHorebhe.


NaseHorebhe namthukuthelisa uSimakade, uSimakade wanithukuthelela waze wafuna ukunibhubhisa.