Akufanele yini mina ngikhathazeke ngeNineve, umuzi omkhulukazi, onabantu abangaphezu kwezi-120 000, abangakwazi ukwehlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, futhi onemfuyo eningi kangaka na?”
UDuteronomi 1:39 - IsiZulu 2020 Izingane zenu, lezi ezingakwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi, enathi zizoba yimpango, yizona eziyongena kulo, ngizolinika zona, zilidle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abancane benu enasho ukuthi bayakuba yimpango, nabantwana benu abangakwazi namuhla okuhle nokubi bayakungena khona, ngibanike lona, balidle. Contemporary Zulu Bible 2024 Abancane benu enasho ukuthi bayakuba yimpango, nabantwana benu ababengakwazi ngalolo suku okuhle nokubi bayakungena khona, ngibanike lona, balidle. |
Akufanele yini mina ngikhathazeke ngeNineve, umuzi omkhulukazi, onabantu abangaphezu kwezi-120 000, abangakwazi ukwehlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, futhi onemfuyo eningi kangaka na?”
USimakade usiletheleni kuleli lizwe, ukuba sife ngenkemba na? Omkethu nabantwana bethu bayakuba yimpango, kungcono kithi ukuba siphindele eGibhithe.”
Kodwa abantwana benu enithe bazoba yimpango, ngiyobangenisa kulo, balazi izwe enalilahla.
Ngokuba engakazalwa amawele, engakakwenzi okuhle noma okubi, ukuze icebo likaNkulunkulu eliya ngokukhetha lifezeke,
esasikade sihamba sonke phakathi kwabo ezinkanukweni zenyama yethu eyonakeleyo, senza intando yenyama eyonakeleyo neyemicabango; sasingabantwana bolaka ngokwemvelo njengabo bonke abanye.
Waphakamisa abantwana babo esikhundleni sabo, uJoshuwa wabasoka ngokuba babengasokwanga endleleni;