Sindisa abantu bakho, ubusise ifa lakho, ubeluse, ubathwale, kuze kube phakade.
UDuteronomi 1:31 - IsiZulu 2020 Nasehlane, nibonile ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wanithwala njengendoda igqogqoshe indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE nasehlane lapho ubone khona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuthwala njengendoda ithwala indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’ Contemporary Zulu Bible 2024 Ehlane, lapho wabona khona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuzala, njengalokho umuntu ezala indodana yakhe, endleleni yonke owahamba ngayo, naze nafika kule ndawo. |
Sindisa abantu bakho, ubusise ifa lakho, ubeluse, ubathwale, kuze kube phakade.
‘Nikubonile engikwenze kwabaseGibhithe, nokuthi nginithwale kanjani ngamaphiko okhozi nganiletha kimi.
Iyokwelusa umhlambi wayo njengomelusi, iqoqe izimvana ngezingalo zayo, izigone esifubeni sayo, ihole ngesinono izindlezane.
kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.
esingafani nesivumelwano engasenza nokhokho babo; mhla ngibabamba ngesandla, ngibakhipha eGibhithe; isivumelwano sami abasephula noma ngangiyinkosi yabo,” kusho uSimakade.
“Indodana ihlonipha uyise, nenceku inkosi yayo. Uma nginguyihlo, pho kuphi ukuhlonishwa kwami? Uma ngiyinkosi, pho kuphi ukwesatshwa kwami?” kinina baphristi enidelela igama lami, kubuza uSimakade Wamabandla. Kodwa nithi: “Silidelele kanjani igama lakho na?”
Ngabe nimbonga kanjalo uSimakade, na? Nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile, akasiye yini uyihlo anidalwanga nguye wanenza, wanimisa, na?
Uyokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu wonke umuntu eyiyala indodana yakhe, kanjalo uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuyala nawe.