USimakade wabenza banda kakhulu abantu bakhe, wabenza baba namandla kunezitha zabo.
UDaniyeli 8:9 - IsiZulu 2020 Kolunye lwazo kwamila uphondo oluncane olwakhula kakhulu ngaseningizimu, ngasempumalanga, nangasezweni elihle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kolunye lwazo kwamila uphondo oluncane olwakhula kakhulu ngaseningizimu, nangasempumalanga, nangasezweni elihle. Contemporary Zulu Bible 2024 Kolunye lwazo kwaphuma uphondo oluncane, olwakhula lwaba lukhulu kakhulu, eningizimu, nasempumalanga, nasezweni elimnandi. |
USimakade wabenza banda kakhulu abantu bakhe, wabenza baba namandla kunezitha zabo.
Inhle ngokuphakama, ingukuthokoza komhlaba wonke, intaba iZiyoni isemaphethelweni enyakatho, umuzi weNkosi enkulu.
“Mina bengicabanga ukuthi: “ ‘Ngizakukubeka kanjani phakathi kwabantu, ngikuphe izwe elinxanelekayo, ifa elihle kakhulu ezizweni!’ Ngathi niyakungibiza nithi: ‘Baba,’ ningaguquki ekungilandeleni.
Phezu kwalokho ngafunga kubo ehlane ukuthi angiyukubangenisa ezweni engangibanike lona, elichichima ubisi noju, elihle kunawo wonke amazwe,
“ ‘ “Ngalolo lusuku ngafunga kubo ukuba ngibakhiphe eGibhithe, ngibayise ezweni engangibakhethele lona, izwe elichichima ubisi noju, futhi elihle kunawo wonke amazwe.
Kepha omsukelayo uyakwenza njengentando yakhe, akakho oyakuma phambi kwakhe; uyakuma ezweni elihle, abhubhise ngesandla sakhe.
“Esikhundleni sakhe kuyakuvela odelelekileyo, abangamnikanga udumo lobukhosi; uyakufika ngesikhathi sokuthula, athathe umbuso ngobuqili.
“Kuthe ngisacabanga ngezimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, kwathi izimpondo ezintathu zokuqala ezazingaphambi kwalo zabhonculwa, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma ngokuzigqaja.
“ ‘Ngiyakubaphephulela kude kuzo zonke izizwe abangazazi. Izwe selisele liyincithakalo, akekho odlulayo nobuyayo kulo, ngokuba izwe elihle balenze laba yincithakalo.’ ”