UJosefa wathi kuye: “Nansi-ke incazelo yalo: amagatsha amathathu ayizinsuku ezintathu;
UDaniyeli 4:18 - IsiZulu 2020 “Leli phupho ngalibona mina, Nebukhadinezari. Wena-ke Bhelitheshazari, yisho incazelo yalo, ngokuba bonke abahlakaniphileyo bombuso wami abakwazanga ukungitshela incazelo, kepha wena ungakwenza lokho, ngokuba umoya wonkulunkulu abangcwele ukuwe.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Leli phupho ngalibona mina Nebukadinesari; wena Beliteshasari, yisho incazelo, njengokuba bonke abahlakaniphileyo bombuso wami bengazi ukungazisa incazelo; kepha wena ungakwenza, ngokuba umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe.” Contemporary Zulu Bible 2024 Mina, nkosi uNebukadinesari, ngalibona leli phupho. Manje wena Belitshasari, yazisa incazelo yalo, ngokuba bonke abahlakaniphileyo bombuso wami bangenakungazisa incazelo; kodwa niyakwazi; ngoba umoya wawonkulunkulu abangcwele ukuwe. |
UJosefa wathi kuye: “Nansi-ke incazelo yalo: amagatsha amathathu ayizinsuku ezintathu;
UFaro wathi kuJosefa: “Ngiphuphile, kodwa akekho umuntu okwazi ukungichazela. Ngizwile ngawe ukuthi kuyothi uma ulizwa leli phupho bese ungichazela.”
Ekuseni uFaro wakhathazeka emoyeni wakhe, wathumela ukuba kubizwe zonke izanusi, nazo zonke izihlakaniphi zaseGibhithe, wabatshela ngamaphupho akhe, kodwa akekho namunye owakwazi ukumchazela wona.
AbaseGibhithe bayokhanywa baphele umoya, ngizowabhuntshisa amacebo abo. Bayofuna, bahlole konkulunkulu mbumbulu, nasemimoyeni yabafileyo, nasemadlozini, nakubathakathi.
Ezintweni zonke zokuhlakanipha nezokuqonda inkosi eyayibabuza ngazo, yabafumanisa bedlula kalishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.
Ezindaweni zonke lapho abantwana babantu behlezi khona, izilwane zasendle nezinyoni zezulu uzinikele esandleni sakho, wenze ukuba ubuse phezu kwazo zonke. Wena uyikhanda legolide.
Abuye aphendula, athi: “Inkosi mayisho iphupho ezincekwini zayo, thina silichaze.”
Manje-ke kulethwe phambi kwami abahlakaniphileyo nabathwebulayo ukuba bafunde lo mbhalo, bangazise incazelo yawo, kepha behluleka ukungitshela incazelo yale ndaba.
Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi, kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokuyazisa inkosi ngencazelo yawo.
Ngokuba iNkosi uSimakade ayenzi lutho ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaphrofethi.