UNebukhadinezari, inkosi, wathumela, waqoqa izikhulu, ababusi, izinduna, abehluleli, abaphathizikhwama, abomkhandlu, nabameli, nabo bonke abaphathizifunda ukuba beze ekwehlukaniselweni kwesithombe uNebukhadinezari, inkosi, asimisileyo.
UDaniyeli 3:3 - IsiZulu 2020 Khona izikhulu, ababusi, izinduna, abehluleli, abaphathizikhwama, abomkhandlu, abameli, nabo bonke abaphathizifunda baqoqelwa ukwehlukaniselwa kwesithombe uNebukhadinezari, inkosi, abesimisile; bama phambi kwesithombe uNebukhadinezari asimisileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona izikhulu, nababusi, nezinduna, nabahluleli, nabaphathizikhwama, nabomkhandlu, nabameli, nabo bonke abaphathizifunda babuthelwa ukwahlukaniselwa kwesithombe uNebukadinesari inkosi abesimisile, bema phambi kwesithombe uNebukadinesari asimisileyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Izikhulu, nababusi, nezinduna, nabahluleli, nabaphathi-zimali, nabeluleki, nezinduna, nazo zonke izikhulu zezifunda zabuthana ukungcwelisa isithombe inkosi uNebukadinesari eyayisimisile; bema phambi kwesithombe uNebukadinesari ayesimisile. |
UNebukhadinezari, inkosi, wathumela, waqoqa izikhulu, ababusi, izinduna, abehluleli, abaphathizikhwama, abomkhandlu, nabameli, nabo bonke abaphathizifunda ukuba beze ekwehlukaniselweni kwesithombe uNebukhadinezari, inkosi, asimisileyo.
Izikhulu, ababusi, izinduna, nabomkhandlu wenkosi babuthana, babona lawa madoda ukuthi umlilo awubanga namandla emizimbeni yawo, akuhangukanga nolulodwa unwele emakhanda awo, namayembe awo awaguqukanga, ngisho nephunga lomlilo alisondelanga kuwo.
Kwase kumemeza ngamandla ohlaba umkhosi, wathi: “We nina bantu nezizwe, nabezilimi ezehlukene, niyayalwa
Ngokuba uNkulunkulu ufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zifeze okuyisinqumo sakhe, zikwenze zimqondo munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu.