Inkosi yamkhulisa uDaniyeli, yamupha izipho eziningi ezinkulu, yamenza ukuba abuse sonke isifunda saseBhabhele, abe ngumholi wababusi babahlakaniphileyo baseBhabhele.
UDaniyeli 2:6 - IsiZulu 2020 Kepha uma ningazisa iphupho, nilichaza, niyakwamukela kimi izipho, imivuzo nodumo olukhulu, ngakho-ke ngitsheleni iphupho nencazelo yalo.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uma nibonisa iphupho nencazo yalo, niyakwamukela kimi izipho nemivuzo nodumo olukhulu; ngalokho ngiboniseni iphupho nencazo yalo.” Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uma nembula iphupho nencazo yalo, niyakwamukela izipho nemivuzo nodumo olukhulu kimi; ngalokho mangazise iphupho nencazo yalo. |
Inkosi yamkhulisa uDaniyeli, yamupha izipho eziningi ezinkulu, yamenza ukuba abuse sonke isifunda saseBhabhele, abe ngumholi wababusi babahlakaniphileyo baseBhabhele.
Khona lapho uBhelishazari wathi, mabembathise uDaniyeli okubukhwebezane, bafake umgexo wegolide entanyeni yakhe, bakhiphe isimemezelo ngaye sokuthi uyakubusa engowesithathu embusweni.
Inkosi yamemeza kakhulu ukuba kulethwe abathwebulayo, amaKhaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBhabhele: “Noma ngubani ongafunda lo mbhalo, angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okubukhwebezane, afakwe nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.”
ngoba ngizokuhlonipha kakhulu, ngiyokwenzela noma yini oyifunayo. Ngiyakuncenga, woza uzongiqalekisela laba bantu.’ ”
UBhalaki wathi kuBhileyamu: “Angithumelanga yini kuwe ngikubiza ukuba uphuthume na? Awufikanga ngani kimi na? Ubucabanga ukuthi ngeke yini ngikuhloniphe na?”
Amalunga akwaMowabi nawakwaMidiyani ahamba ephethe ugxa, aya kuBhileyamu, afike akhuluma kuye amazwi kaBhalaki.
Suka uphele lapha uphindele kini; ngathi ngizakukuhlonipha kakhulu, kodwa uSimakade wenqabile ukuba ngikuhloniphe.”