UDaniyeli 2:12 - IsiZulu 2020 Ngalokho inkosi yathukuthela, yafutheka kakhulu, yayaleza ukuba kubhujiswe bonke abahlakaniphileyo baseBhabhele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho inkosi yathukuthela, yafutheka kakhulu, yayaleza ukuba kubhujiswe bonke abahlakaniphileyo baseBabele. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho inkosi yathukuthela, yathukuthela kakhulu, yasilaya ukuthi kubhujiswe bonke abahlakaniphileyo beBhabhiloni. |
Intukuthelo yenkosi ifana nezithunywa zokufa, kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.
Ukuthukuthela kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihe sayo sinjengamazolo otshanini.
Ulaka lwenkosi olwesabisayo lunjengokubhonga kwengonyama; oyithukuthelisayo uyakulahlekelwa ngukuphila kwakhe.
Umuntu onolaka udala ingxabano, nalowo onesififane ubanga ukuphambuka okukhulu.
Ngalokho uDaniyeli wangena ku-Ariyokhi obemiswe yinkosi ukuba abhubhise abahlakaniphileyo baseBhabhele. Wahamba, washo kanje kuye, wathi: “Ungababhubhisi abahlakaniphileyo baseBhabhele; ngingenise phambi kwenkosi, ngibonise inkosi incazelo.”
Inkosi yaphendula, yathi kumaKhaledi: “Izwi liphumile kimi lokuthi uma ningangazisi iphupho nencazelo yalo, niyakuhlahlelwa, izindlu zenu zibe yincithakalo.
Khona uNebukhadinezari wayaleza egcwele ulaka nentukuthelo, wayaleza ukuba kulethwe uShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego. Alethwa-ke lawo madoda phambi kwenkosi.
Khona uNebukhadinezari wathukuthela wafa, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa kaShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sibaselwe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okwejwayeleke ukuba sibaselwe ngakho.
Kepha ngenxa yobukhulu amnika bona, bonke abantu, izizwe, nezilimi bathuthumela, besaba phambi kwakhe; kwathi athanda ukumbulala wambulala, athanda ukumyeka wamyeka; athanda ukumphakamisa wamphakamisa, athanda ukumthobisa wamthobisa.
Kwathi ukuba uHerode abone ukuthi izazi zimshaye ngemfe iphindiwe, wathukuthela kakhulu. Wathumela, wabulala bonke abantwana besilisa baseBhethlehema, nasezindaweni zonke ezakhelene nalo, ababeneminyaka emibili nangaphansi, njengokwesikhathi izazi ezazimtshele sona.
Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo othukuthelela umfowabo, uyakuba necala ayokwehlulelwa ngalo. Nalowo othi kumfowabo: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini, nalowo othi: ‘Siwula,’ kumfowabo uyakuba necala, aphonswe esihogweni somlilo.