Ngokuba izihlalo zokwehlulela zimiswe khona, izihlalo zobukhosi zendlu kaDavide.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 7:12 - IsiZulu 2020 Masivuke ekuseni siye ezivinini, siyobona ukuthi umvini usuqhakazile, nezimbali zawo sezivulekile, nokuthi amahananadi asekhahlele. Kulapho ngiyokunikeza khona uthando lwami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Masivuke ekuseni, siye ezivinini, sibone uma umvini uqhakazile, nezimbali zawo uma zivulekile, namapomegranati* uma ekhahlele. Lapho ngiyakukunika uthando lwami. Contemporary Zulu Bible 2024 Masivuke ekuseni siye ezivinini; ake sibone ukuthi umvini uyakhama yini, uma izithelo zomvini ziqhakaza, noma amapomegranati ahluma; lapho ngizakunika izithandwa zami. |
Ngokuba izihlalo zokwehlulela zimiswe khona, izihlalo zobukhosi zendlu kaDavide.
ngize ngifike e-althare likaNkulunkulu, kuNkulunkulu oyinjabulo yami nokwethaba kwami; ngikudumise ngokhehlegume, Nkulunkulu, Nkulunkulu wami.
Ngiyohlangana nawe lapho, ngikhulume nawe ngiphezu kwesihlalo somusa naphakathi kwamakherubhi amabili aphezu komphongolo wobufakazi, ngiyakukuyala ngakho konke oyakukukhuluma kubantu bakwa-Israyeli.”
Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.
Umkhiwane usuthelile, amakhiwane aseluhlaza, nemivini iyaqhakaza, kuthaphuka iphunga layo. Vuka sithandwa sami, muhlekazi wami, woza sihambe.”
Sibambeleni izimpungushe, amazinyane azo angazoni izivini, ngokuba izivini zethu zisaqhakaza.
Izitshalo zakho ziyisivande samahananadi esithela izithelo zekhethelo; ihena elinamanadi,
Vuka, moya wasenyakatho, woza moya waseningizimu, uphephethe esivandeni sami, amakha aso athaphuke; othandiweyo wami makeze esivandeni sakhe, adle izithelo zaso zekhethelo.
Ngehlele esivandeni samantongomane ukuyobona izithelo eziluhlaza esihosheni, nokubona ukuthi ngabe umvini usuqhakazile namahananadi asekhahlele.
Ngokuba ngaphambi kokuvuna, lapho imbali isiqhakaze yaze yaphenduka igilebhisi elivuthiweyo, uzowanquma wonke amagatsha ngocelemba, namagatsha enabileyo uwanqume, uwasuse.
Kwathi sekwedlule izinsuku ezithile, uPawula wayesethi kuBharnabha: “Ake sibuyele emuva, sihambele abazalwane kuyo yonke imizi ngamunye esesishumayele kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.”
Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa siyazigabisa ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Khristu, esamukeliswe ngayo ukubuyisana.
Zihloleni nina, nibone ukuthi nisekukholweni yini, zivivinyeni nina. Noma anazi yini ukuthi uJesu uKhristu ukini na? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa.
Umusa mawube nabo bonke abathanda iNkosi yethu uJesu Khristu ngothando olungapheliyo.
Qaphelisisani ukuba kungabi bikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande yimbe ebabayo, inidunge, abaningi bangcole ngenxa yayo.
futhi uthi: “Ngiyakubeka ithemba lami kuye,” abuye athi: “Sengilapha, mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.”
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.