Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi, ngokuba umkhuleko wami umelane nobubi babo.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:7 - IsiZulu 2020 Ngatholwa ngabaqaphi ababehla benyuka emzini, bangishaya, bangilimaza, abaqaphi bezingange bangihlubula ingubo yami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abalindi bangifumana behambahamba emzini, bangishaya, bangilimaza; abalindi bezingange bangaphuca imvakazi yami. Contemporary Zulu Bible 2024 Abalindi ababezungeza umuzi bangifumana, bangishaya, bangilimaza; abalindi bezindonga bangemuka umgubuzelo wami. |
Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi, ngokuba umkhuleko wami umelane nobubi babo.
Abalindi abazungeza emzini, bazithela phezu kwami: “Animbonanga yini othandwa ngumphefumulo wami na?”
Ngamvulela othandiweyo wami, kodwa othandiweyo wami wayesejike wahamba, umphefumulo wami wephuka lapho esephendukele eceleni, ngamfuna kodwa ngangamthola, ngambiza, akaze angiphendula.
Madodakazi aseJerusalema fungani! Uma nimthola othandiweyo wami, niyomtshela yini ukuthi ngiyazifela ngaye na?
USolomoni wayenesivini eBhali Hamoni. Wasiqashisela abalindi; yilowo nalowo mlindi wayezokhokha izinhlamvu zesiliva eziyinkulungwane, ngezithelo zaso.
Ezingangeni zakho Jerusalema, ngimisile abalindi. Abayukuthula nakanye imini nobusuku. Nina enibakhumbuza ngoSimakade, maningaphumuli,
Ngakho-ke ngibaqobaqoba babe zicubu ngabaphrofethi, ngibabulale ngamazwi omlomo wami, ukwehlulela kwami kuphume njengokukhanya.
Nibusisiwe nxa abantu benizonda, benihlulula, benithuka, belichitha igama lenu sengathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu.
Bayakunikhipha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza lapho bonke abanibulalayo beyakuthi basebenzela uNkulunkulu.
Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi zenkohlakalo, eziziguqula zizenze abaphostoli bakaKhristu.
Ngangiyisishisekeli esizingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo.
sibhekile kuJesu ongumqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo, wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.