Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:4 - IsiZulu 2020

Intamo yakho ifana nombhoshongo kaDavide onemigqa okuphanyekwa kuyo izikhali; inkulungwane yamahawu iphanyekwe kuwo, zonke izihlangu zamaqhawe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Intamo yakho injengombhoshongo kaDavide owakhiwe ngemihlobiso, okuphanyekwa kuwo amahawu ayinkulungwane, onke eyizihlangu zamaqhawe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Intamo yakho injengombhoshongo kaDavide owakhiwe njengezikhali, okulenga kuwo izihlangu eziyinkulungwane, zonke izihlangu zamaqhawe.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:4
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Nina zintaba iGilibhowa, makungabi bikho mazolo namvula phezu kwenu, nasemasimini avundileyo, ngokuba kwangcoliswa lapho isihlangu samaqhawe, isihlangu sikaSawule singagcotshwanga ngamafutha.


Uyenza insindiso ibe nkulu kakhulu enkosini; umenzele umusa uDavide, ogcotshiweyo wakho, nabozalo lwakhe, kuze kube phakade.”


Ingxenye elandelayo ephambi kwendawo yezikhali kuze kuyofika endaweni lapho ugange lujika khona yakhiwa ngu-Ezeri, indodana kaJeshuwa, umbusi waseMizpha.


Makuthi amadodana ethu, ebusheni bawo, afane nezithombo ezikhule kahle, amadodakazi ethu afane nezinsika zamakhona eziqoshelwe ukwakha isigodlo.


Izihlathi zakho zinhle zinemicu yobuhlalu, intamo yakho inemigexo.


Intamo yakho ifana nombhoshongo wophondo lwendlovu, amehlo akho afana namachibi aseHeshibhoni, ngasesangweni eBhathi Rabhimi; ikhala lakho linjengombhoshongo waseLebhanoni, obhekene neDamaseku.


Ikhanda lakho linjengeKharimeli, nomyeko okulo usabukhwebezane, inkosi ibambeke njengomthunjwa emiyekweni.


Ngangilugange, namabele ami ayenjengemibhoshongo emehlweni akhe, njengofumene ukuthula.


Wena mbhoshongo womhlambi, nqaba yendodakazi yaseZiyoni kuyakufika kuwe, impela kuyakufika ukubusa kwakuqala, umbuso kuwe ndodakazi yaseJerusalema.


engabambeleli kulowo oyinhloko, okungaye umzimba wonke uyondliwa, futhi uhlanganiswa ndawonye ngamalungu nemisipha, ukhula ngokukhula kukaNkulunkulu.


Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;