Bheka, umuhle, wena othandiweyo wami, yebo, uyathokozisa. Indawo esicambalala kuyo iluhlaza.
IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:15 - IsiZulu 2020 Waze wamuhle sithandwa sami! Bheka, umuhle, amehlo akho angamajuba. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, umuhle, sithandwa sami! Bheka, umuhle! Unamehlo amajuba. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, umuhle, sithandwa sami; bheka, umuhle; unamehlo ejuba. |
Bheka, umuhle, wena othandiweyo wami, yebo, uyathokozisa. Indawo esicambalala kuyo iluhlaza.
Uma ungazi, wena omuhle kunabo bonke abesifazane, landela imizila yomhlambi, weluse amazinyane akho ngasemathendeni abelusi.
Ngikufanisa nehhashi lami lensikazi phakathi kwezinqola zempi kaFaro, sithandwa sami.
Othandiweyo wami waphendula wathi kimi: “Vuka sithandwa sami, simomondiya sami, woza sihambe.
Umkhiwane usuthelile, amakhiwane aseluhlaza, nemivini iyaqhakaza, kuthaphuka iphunga layo. Vuka sithandwa sami, muhlekazi wami, woza sihambe.”
Uyazi, umuhle sithandwa sami! Uyazi, umuhle! Amehlo akho angamajuba ngale kwemvakazi yakho. Izinwele zakho zifana nomhlambi wezimbuzi wehla entabeni yakwaGileyadi.
Lumnandi kangakanani uthando lwakho, dadewethu, makoti wami! Lumnandi kakhulu kangakanani uthando lwakho, ukwedlula iwayini, nephunga lamakha akho, kunawo wonke amakha!
Amehlo akhe anjengamajuba ngasemiseleni yamanzi, agezwe ngobisi ehleli ngasemiseleni egcwele.
Bengilele, kodwa inhliziyo yami ibhekile; ngezwa izwi lothandiweyo wami engqongqoza! “Ngivulele dadewethu, sithandwa sami, juba lami, wena opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo; imiyeko yami, ngamaconsi asebusuku.”
Ngubani lo obukeka njengentathakusa, omuhle njengenyanga, okhanya njengelanga, ohlonipheka njengempi na?
Sithandwa sami, umuhle njengeThirisa, uyabukeka njengeJerusalema, uyahlonipheka njengempi.
Bese nibuza nithi: ‘Ngani na?’ Ngoba uSimakade ubengufakazi phakathi kwakho nonkosikazi wobusha bakho, wena ongethembekanga kuye, obewumngani wakho nonkosikazi wesivumelwano sakho.