Wayesevuka; bheka, nanto iqebelengwane ngasekhanda lakhe, elalenziwe ematsheni ashisayo, nophiso lwamanzi. Wadla, waphuza; wabuye walala phansi.
NgokukaMarku 8:2 - IsiZulu 2020 “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuphele izinsuku ezintathu sinami, futhi singenakho esingakudla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngiyasihawukela ixuku, ngoba sekuyizinsuku ezintathu lihlezi lami lingelakudla; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyasihawukela ixuku, ngoba sekuyizinsuku ezintathu lihlezi lami lingelakudla; |
Wayesevuka; bheka, nanto iqebelengwane ngasekhanda lakhe, elalenziwe ematsheni ashisayo, nophiso lwamanzi. Wadla, waphuza; wabuye walala phansi.
Njengalokhu uyise ebahawukela abantwana bakhe, kanjalo noSimakade uyabahawukela abamesabayo.
Uyakubuye asihawukele, anyathele iziphambeko zethu, aphonse zonke izono zethu ekujuleni kolwandle.
Waphuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu; waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.
Kwathi lapho ebona izixuku, waba nesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zithithibele njengezimvu ezingenamalusi.
UJesu egcwele isihawu, welula isandla sakhe, wamthinta, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.”
Kepha uJesu wamnqabela, kunalokho wathi kuye: “Hamba uye ekhaya kwabakini, ubabikele ukuthi kungakanani iNkosi ekwenzele khona, yakuhawukela.”
Esehlile uJesu, ephuma esikebheni, wabona isixuku esikhulu, wasihawukela, ngokuba sasinjengezimvu ezingenamelusi; wayeseqala esifundisa okuningi.
Uma ngisihambisa silambile, sibuyele emakhaya, siyophelelwa ngamandla endleleni, ngokuba abanye baso bavela kude.”
Lo moya usuyiphonse kaningi emlilweni nasemanzini ukuba uyibhubhise, kodwa uma unamandla okwenza okuthile, sihawukele, usisize.”
Yayisisuka, yaya kuyise. Kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.
Ngakho kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumphristi omkhulu onozwelo nothembekileyo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.
Ngokuba asinaye umPhristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa lowo olingiwe kukho konke njengathi, ebe engenasono.
ukuba babaphathe kahle labo abangazi nabadukayo, lokhu naye uhaqwe ngubuthakathaka;