Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




NgokukaMarku 7:7 - IsiZulu 2020

bangikhonza ngeze, bafundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kepha bangikhonza ngeze, befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kepha bangikhonza ngeze, befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.

Uka jalj uñjjattʼäta



NgokukaMarku 7:7
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

INkosi yathi: “Ngenxa yokuthi laba bantu basondela kimi ngemilomo nje, futhi bangidumise ngezindebe zabo nje, izinhliziyo zabo zibe zikude nami, ukungidumisa kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,


“Nithe: ‘Akusizi ngalutho ukukhonza uNkulunkulu; sizuzeni ngokugcina imiyalo yakhe nokuthi sihambe silila phambi kukaSimakade Wamabandla na?


kodwa bangikhonza ngeze, befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ ”


Kepha uma nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bacabanga ukuthi bayakuzwakala ngokukhuluma kwabo okuningi.


Uma uKhristu engavuswanga kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize.


Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilileyo, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


“Konke enginiyala ngakho, qaphelani ukuba nikwenze; aniyukuthasisela kukho, futhi aniyukunciphisa lutho kukho.”


Konke lokho kuyizinto eziphelayo uma sezisetshenzisiwe ngokwemiyalo nezimfundiso zabantu.


kodwa yigweme impikiswano ewubuwula, izindaba zolibo lokuzalana, imibango, nokuphikisana ngomthetho, ngokuba lokho akusizi, futhi kuyimbude.


Uma umuntu ethi uyakholwa, kodwa engabophi ulimi lwakhe kube sengathi ngetomu, kodwa ezikhohlisa enhliziyweni yakhe, ukukholwa kwalowo kuyize.


Siwula ndini, uyathanda yini ukwazi ukuthi ukukholwa okungenayo imisebenzi kuyize na?


Ngiyafakaza kubo bonke abezwa amazwi esiphrofetho sale ncwadi. Uma kukhona owenezela kuwo, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupheko ezilotshwe kule ncwadi.


Yebo, ningaphambuki nilandele izinto eziyize ezingenakunisiza nezingeke zanikhulula, ngokuba ziyize.