Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




NgokukaMarku 7:4 - IsiZulu 2020

nalapho bebuya endalini kabadli bengazihlambile izandla. Kukhona nokunye okuningi abakwemukelayo futhi ababambelele kukho; njengokugeza izinkomishi, izinkamba, nezitsha zethusi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

nanxa bevela endalini, abadli bengakahlambi; kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokuhlanza izinkezo, nezinkamba, nezitsha zethusi –

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Nxa bevela emakethe, abadli bengakagezi; Kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokugezwa kwezindebe, namabhodwe, nezitsha zethusi, namatafula.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Nxa bevela emakethe, abadli bengakagezi; Kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokugezwa kwezindebe, namabhodwe, nezitsha zethusi, namatafula.

Uka jalj uñjjattʼäta



NgokukaMarku 7:4
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngigeza izandla zami ngingenacala, ukuze ngizungeze i-althare lakho, Simakade,


Gezani, nizihlambulule; susani ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami. Yekani ukwenza okubi.


Ngabeka phambi kwamadodana endlu yamaRekhabhi izitsha ezazigcwele iwayini nezindebe, ngathi kubo: “Phuzani iwayini!”


Jerusalema, hlanza ububi obusenhliziyweni yakho, ukuze usindiswe. Kuyoze kube nini imicabango yakho emibi ihleli ezibilini zakho na?


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nihlanza ingaphandle lenkezo nesitsha, kodwa ngaphakathi kugcwele impango nobugovu.


MFarisi oyimpumputhe, hlanza kuqala ingaphakathi lenkezo, ukuze kuhlanzeke nengaphandle layo.


Kuthe uPilatu esebona ukuthi akukho angakwenza, futhi sekuqala isiyaluyalu, wathatha amanzi, wageza izandla phambi kwesixuku, wathi: “Anginacala egazini lalo muntu; ziboneleni nina.”


“Niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambelele esikweni labantu.”


Kwakukhona lapho izimbiza eziyisithupha ezazenziwe ngamatshe, zibekwe ngokwesiko labaJuda lokugeza izandla. Imbiza ngayinye yayimumatha umthamo othi awube yizilinganiso ezimbili noma ezintathu.


Kwaqubuka impikiswano phakathi kwabafundi bakaJohane nomJuda othile mayelana nokuhlambulula.


Kepha iqondene nokudla, ukuphuza, nokugeza okunhlobonhlobo okuyizimiso zabantu, kuze kulethwe isikhathi senqubo entsha.


Sondelani kuNkulunkulu, naye uyakusondela kini. Hlanzani izandla, nina zoni, nihlambulule izinhliziyo, nina bonhliziyombili.


Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu Yena esekukhanyeni; sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.