NgokukaMarku 4:2 - IsiZulu 2020 Wabafundisa okuningi ngemizekeliso, ethi kubo ngenkathi ebafundisa: IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabafundisa okuningi ngemifanekiso; wathi kubo ekufundiseni kwakhe: Baasraak Zulu New Testament Bible Wabafundisa izinto eziningi ngemifanekiso, wakhuluma kubo ekufundiseni kwakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Wabafundisa izinto eziningi ngemifanekiso, wakhuluma kubo ekufundiseni kwakhe. |
Umlomo wami ngizowuvula, ngisho umfanekiso, ngizobonakalisa izimfihlakalo zasemandulo,
Wakhuluma kubo okuningi ngemizekeliso, wathi: “Kwake kwaphuma umhlwanyeli wayohlwanyela.
Kwathi uJesu eseqedile ukukhuluma la mazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe,
UJesu wasuka lapho, waya ezifundeni eJudiya nangaphesheya kweJordani. Izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengasemihleni.
UJesu wayeseqala ukukhuluma kubo ngemizekeliso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda. Wasiqashisa kubalimi, wahamba waya kwelinye izwe.
Ngesikhathi efundisa, wathi: “Xwayani izazimthetho ezithanda ukuhamba zembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini,
Wayesezibiza, wakhuluma kuzo ngemizekeliso, wathi: “Kungenzeka yini ukuba uSathane akhiphe uSathane na?
Wathi kubo: “Nina nambulelwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle, konke kuza kubo ngemizekeliso,