Lethani abantu abayizimpumputhe bebe benamehlo, nabayizithulu bebe benezindlebe.
NgokukaMarku 4:12 - IsiZulu 2020 ukuze bathi bebona nokubona, kodwa bangabonisisi; bathi bezwa nokuzwa, kepha bangaqondi, funa bapheduke, bathethelelwe.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE ukuze ngokubona babone, bangabonisisi, nangokuzwa bezwe, bangaqondi, funa baphenduke, bathethelelwe.” Baasraak Zulu New Testament Bible ukuze bebona babone, bangaboni; nokuzwa, bezwe, bangaqondi; funa noma nini baphenduke, bathethelelwe izono zabo. Contemporary Zulu Bible 2024 ukuze bebona babone, bangaboni; nokuzwa, bezwe, bangaqondi; funa noma nini baphenduke, bathethelelwe izono zabo. |
Lethani abantu abayizimpumputhe bebe benamehlo, nabayizithulu bebe benezindlebe.
Kabazi, kabaqondi, ngokuba amehlo abo uwasilekile ukuze bangaboni, nezinhliziyo zabo ukuze bangaqondi.
Mhlawumbe indlu kaJuda iyakuzwa konke okubi engihlela ukukwenza kubo, ukuze baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, bese ngibathethelela ububi babo nezono zabo.”
Yizwani lokhu, nina bantu abayiziwula neningenakuqonda; eninamehlo, kodwa aniboni; eninezindlebe, kodwa anizwa.
“Ndodana yomuntu, wena uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo, banamehlo okubona kodwa ababoni, banezindlebe zokuzwa, kepha abezwa, ngokuba bayindlu ehlubakayo.
Ninamehlo, kodwa aniboni yini, ninezindlebe kodwa anizwa na? Anisakhumbuli yini
Wathi: “Nina ninikezwe ukuba nazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kodwa abanye batshelwa ngemizekeliso, ukuze kuthi bebona, kodwa bangabonisisi, bathi bezwa, kepha bangaqondi.
Kepha uSimakade akaninikanga inhliziyo yokuba nazi, namehlo okuba nibone, nezindlebe zokuba nizwe kuze kube yinamhlanje.
ibayale ngomoya omnene abamelene nayo, hleze uNkulunkulu abanike ithuba lokuphenduka, baze balivume iqiniso,
akunakwenzeka ukuba bathi sebehlubukile, bayibethela bona uqobo iNdodana kaNkulunkulu, ukuba babuye futhi baphenduke, lokhu bayithele ngehlazo obala.