Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha ongumngani weziwula uyolimala.
NgokukaMarku 4:10 - IsiZulu 2020 Kwathi eseyedwa, ababenaye nabali-12 bambuza ngale mizekeliso. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapho esengasesitha, ababe naye kanye nabayishumi nambili bambuza ngale mifanekiso. Baasraak Zulu New Testament Bible Eseyedwa, ababemphahlile kanye nabayishumi nambili bambuza ngomfanekiso. Contemporary Zulu Bible 2024 Eseyedwa, ababemphahlile kanye nabayishumi nambili bambuza ngomfanekiso. |
Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha ongumngani weziwula uyolimala.
Wakhuluma kubo okuningi ngemizekeliso, wathi: “Kwake kwaphuma umhlwanyeli wayohlwanyela.
UJesu wayesezihlakaza izixuku, waya endlini. Abafundi bakhe basondela kuye, bathi: “Sichazele ngomzekeliso wokhula ensimini.”
Wathi kubo: “Nina nambulelwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle, konke kuza kubo ngemizekeliso,
Akazange akhulume lutho kubo ngaphandle kwemizekeliso. Kepha sebebodwa ngasese, wayesebachasisela konke abafundi bakhe.
Kuthe esengene endlini, esuka esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalo mzekeliso.