Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




NgokukaMarku 3:7 - IsiZulu 2020

UJesu nabafundi bakhe basuka baya ngasolwandle. Izixuku zamlandela, zivela eGalile naseJudiya,

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UJesu wasuka kanye nabafundi bakhe, waya ngaselwandle; isixuku esikhulu samlandela sivela eGalile, naseJudiya,

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kodwa uJesu wasuka wahamba labafundi bakhe, waya elwandle;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kodwa uJesu wasuka wahamba labafundi bakhe, waya elwandle;

Uka jalj uñjjattʼäta



NgokukaMarku 3:7
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nxa benizingela komunye umuzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: niyakuthi ningakayihambi yonke imizi yakwa-Israyeli, bese ifika iNdodana yomuntu.


Kepha uJesu ekwazi lokho wasuka lapho. Abaningi bamlandela, wabaphilisa bonke.


Wabayalisisa ukuba bangakhulumi ngaye,


Izixuku eziningi zamlandela kusukela eGalile, eDekapholi, eJerusalema, eJudiya nangaphesheya kweJordani.


Wahamba eshumayela emasinagogeni abo kulo lonke iGalile, futhi ekhipha namadimoni.


Kepha owayenochoko esephumile, waqala ukuyisabalalisa le ndaba, kangangokuthi uJesu akabange esakwazi ukungena emzini bembona; wahlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane. Nokho abantu beza kuye bevela nxazonke.


Kwathi lapho uJesu efika ekhaya, kwaphinde kwabuthana futhi isixuku, kangangokuthi uJesu nabafundi bakhe abakwazanga ukudla isinkwa.


UJesu wabuye waqala ukufundisa ngasolwandle. Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu kangangoba waze wangena esikebheni, wahlala olwandle. Sonke isixuku sasimi emhlabathini ngasolwandle.


Kepha baqinisa kakhulu, bethi: “Ubhebhezela abantu, efundisa kulo lonke iJudiya, eqalile eGalile, waze wazofika lapha.”


Kwathi ngalezo zinsuku uJesu waphuma waya entabeni eyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu.


Wayesehla nabo, wema endaweni eyithafa nesixuku esikhulu sabafundi bakhe, noquqaba lwabantu ababevela kulo lonke iJudiya, eJerusalema, nangasolwandle iThire neSidoni,


Abanye bathi: “Lo muntu unguKhristu.” Kepha abanye babethi: “Kanti uKhristu uvela eGalile yini na?


Baphendula, bathi kuye: “Kanti nawe ungowaseGalile yini na? Hlolisisa kahle umbhalo, ubone ukuthi akukho mphrofethi ovela eGalile.”


Ngokushesha ngalobo busuku, abazalwane babaphelezela oPawula noSila ukuba baye eBhiriya. Kuthe sebefikile khona, bangena esinagogeni labaJuda.


Masinyane, abazalwane bamhambisa uPawula waze wayofika olwandle, kepha uSila noThimothewu basala lapho.


Behlukanisa iKadeshi eGalile ezintabeni kwaNafethali, iShekhemi ezintabeni kwa-Efrayimi, iKiriyathi Arbha eliyiHebhroni ezintabeni kwaJuda.


Esizwaneni sakwaNafethali bathola: iKedeshi eGalile namadlelo alo, umuzi wokuphephela umbulali, iHamothi Dori namadlelo alo, neKharithani namadlelo alo, imizi emithathu.