Nxa benizingela komunye umuzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: niyakuthi ningakayihambi yonke imizi yakwa-Israyeli, bese ifika iNdodana yomuntu.
NgokukaMarku 3:7 - IsiZulu 2020 UJesu nabafundi bakhe basuka baya ngasolwandle. Izixuku zamlandela, zivela eGalile naseJudiya, IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJesu wasuka kanye nabafundi bakhe, waya ngaselwandle; isixuku esikhulu samlandela sivela eGalile, naseJudiya, Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa uJesu wasuka wahamba labafundi bakhe, waya elwandle; Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uJesu wasuka wahamba labafundi bakhe, waya elwandle; |
Nxa benizingela komunye umuzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: niyakuthi ningakayihambi yonke imizi yakwa-Israyeli, bese ifika iNdodana yomuntu.
Izixuku eziningi zamlandela kusukela eGalile, eDekapholi, eJerusalema, eJudiya nangaphesheya kweJordani.
Wahamba eshumayela emasinagogeni abo kulo lonke iGalile, futhi ekhipha namadimoni.
Kepha owayenochoko esephumile, waqala ukuyisabalalisa le ndaba, kangangokuthi uJesu akabange esakwazi ukungena emzini bembona; wahlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane. Nokho abantu beza kuye bevela nxazonke.
Kwathi lapho uJesu efika ekhaya, kwaphinde kwabuthana futhi isixuku, kangangokuthi uJesu nabafundi bakhe abakwazanga ukudla isinkwa.
UJesu wabuye waqala ukufundisa ngasolwandle. Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu kangangoba waze wangena esikebheni, wahlala olwandle. Sonke isixuku sasimi emhlabathini ngasolwandle.
Kepha baqinisa kakhulu, bethi: “Ubhebhezela abantu, efundisa kulo lonke iJudiya, eqalile eGalile, waze wazofika lapha.”
Kwathi ngalezo zinsuku uJesu waphuma waya entabeni eyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu.
Wayesehla nabo, wema endaweni eyithafa nesixuku esikhulu sabafundi bakhe, noquqaba lwabantu ababevela kulo lonke iJudiya, eJerusalema, nangasolwandle iThire neSidoni,
Abanye bathi: “Lo muntu unguKhristu.” Kepha abanye babethi: “Kanti uKhristu uvela eGalile yini na?
Baphendula, bathi kuye: “Kanti nawe ungowaseGalile yini na? Hlolisisa kahle umbhalo, ubone ukuthi akukho mphrofethi ovela eGalile.”
Ngokushesha ngalobo busuku, abazalwane babaphelezela oPawula noSila ukuba baye eBhiriya. Kuthe sebefikile khona, bangena esinagogeni labaJuda.
Masinyane, abazalwane bamhambisa uPawula waze wayofika olwandle, kepha uSila noThimothewu basala lapho.
Behlukanisa iKadeshi eGalile ezintabeni kwaNafethali, iShekhemi ezintabeni kwa-Efrayimi, iKiriyathi Arbha eliyiHebhroni ezintabeni kwaJuda.
Esizwaneni sakwaNafethali bathola: iKedeshi eGalile namadlelo alo, umuzi wokuphephela umbulali, iHamothi Dori namadlelo alo, neKharithani namadlelo alo, imizi emithathu.