Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




NgokukaMarku 16:1 - IsiZulu 2020

Seledlule isabatha, uMariya Magdalena, uMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuze bahambe bamgcobe ngawo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Selidlulile isabatha, oMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Selidlulile isabatha, oMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Selidlulile isabatha, oMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe.

Uka jalj uñjjattʼäta



NgokukaMarku 16:1
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayeseyala izinceku zakhe eziyizinyanga ukuba zigqumise isidumbu sikayise ngemithi. Izinyanga zamgqumisa-ke u-Israyeli ngemithi.


Bamngcwaba ethuneni lakhe ayeziqophele lona emzini kaDavide. Bambeka endaweni yokulala egcwele iphunga elimnandi namakha anhlobonhlobo ayexutshwe alungiswa ngokwenza komthaki. Bashisa impepho eningi kakhulu.


Kwathi eseseBhethaniya ehleli edla, endlini kaSimoni owayenochoko, kwafika owesifazane ephethe umfuma we-alabhaste wamafutha enadi lodwa, elibiza inani elikhulu. Wawuchoboza umfuma, wathela amafutha ekhanda likaJesu.


Wenze okungangamandla akhe; uwugcobile umzimba wami, ewugcobela ukuba umbelwe ngaphambi kwesikhathi.


Kwakukhona nabesifazane ababebukela, bebuqamama. Phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, uSalome, uMariya ozala uJakobe omncane noJose.


Kwathi sekuhlwile, ngokuba kwakulusuku lokulungiselela usuku olwandulela isabatha,


UMariya Magdalena noMariya, unina kaJose, babona lapho ayebekwe khona uJesu.


Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lweviki, bafika ethuneni ekuphumeni kwelanga.


Baphuma, babaleka ethuneni, ngokuba behlelwa ngukuthuthumela nokumangala, kabatshelanga muntu ngalokho, ngokuba babesaba.


Kwakulusuku lokulungiselela, futhi sekuzoqala isabatha.


Base bebuyela emuva, bayolungisa amafutha namakha, kodwa ngesabatha baphumula njengokusho komthetho.


Kepha ngosuku lokuqala lweviki, kusantwela ezansi, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile.


Ngasesiphambanweni sikaJesu kwakumi unina, udadewabo kanina, uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena.


Ngakho-ke abaJuda, lokhu kwakulusuku lokulungisela, nokuba izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngenxa yokuba isabatha kwakulusuku olukhulu, bacela kuPilatu ukuba kwephulwe imilenze yababethelweyo, bese besuswa.