Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




NgokukaMarku 16:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Selidlulile isabatha, oMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Seledlule isabatha, uMariya Magdalena, uMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuze bahambe bamgcobe ngawo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Selidlulile isabatha, oMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Selidlulile isabatha, oMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




NgokukaMarku 16:1
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJosefa wayala izinceku zakhe izinyanga ukuba zimgqumise uyise ngemithi; izinyanga zamgqumisa-ke u-Israyeli ngemithi.


Bammbela emathuneni akhe owayeziqophele wona emzini kaDavide, bambeka embhedeni ogcwele iphunga elimnandi namakha ayizinhlobonhlobo, alungisiwe ngokwenza komthaki; bamenzela ukushisa kwempepho okukhulu kakhulu.


Kwathi eseBethaniya endlini kaSimoni owayenochoko, ehlezi ekudleni, kwafika owesifazane ephethe umfuma we-alabaste* wamafutha enadi* lodwa elibiza kakhulu; wachoboza umfuma wathela amafutha ekhanda lakhe.


Wenzile abengakwenza; wandulele ukuwugcobela umzimba wami ukumbelwa.


Kwakukhona nabesifazane bebukela, bekude; phakathi kwabo kwakukhona noMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe omncane nokaJose, kanye noSalome


Kwathi ukuba kuhlwe, ngokuba kwakulusuku lokulungisela okungukuthi olwandulela isabatha,


OMariya Magdalena noMariya unina kaJose babona lapho abekwa khona.


Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lweviki beza ethuneni ekuphumeni kwelanga.


Base bephuma, babaleka ethuneni, ngokuba babefikelwe ngukuthuthumela nokumangala, kabashongo lutho kumuntu, ngokuba babesaba.


Kwakulusuku lokulungisela; isabatha lase lizakuqala.


Base bebuyela emuva, balungisa amakha namafutha; kepha ngesabatha baphumula njengokomthetho.


Kepha ngosuku lokuqala lweviki, kuntwela ngenzansi, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile.


Kepha kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina kanye nodadewabo kanina, uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena.


Khona abaJuda, ngokuba kwakungolokulungisela, ukuze izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngokuba lolo suku lwesabatha lwalulukhulu, banxusa uPilatu ukuba yaphulwe imilenze yabo, basuswe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka