Amehlo omuntu oziphakamisayo azakuthotshiswa, nokuzidla kwabantu kufojiswe; nguSimakade kuphela oyophakama ngalolo lusuku.
Mathewu 7:22 - IsiZulu 2020 Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, asiphrofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amadimoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho na?’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na?’ Baasraak Zulu New Testament Bible Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho na? ngegama lakho bakhipha amademoni na? futhi ngegama lakho senze izimangaliso eziningi na? Contemporary Zulu Bible 2024 Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho na? ngegama lakho bakhipha amademoni na? futhi ngegama lakho senze izimangaliso eziningi na? |
Amehlo omuntu oziphakamisayo azakuthotshiswa, nokuzidla kwabantu kufojiswe; nguSimakade kuphela oyophakama ngalolo lusuku.
Ukuzidla kwabantu kuyothotshiswa, nokuzikhukhumeza kwabantu kuyofojiswa; nguSimakade kuphela oyophakanyiswa ngalolo lusuku.
ukuphimisela kozwileyo amazwi kaNkulunkulu, obonile umbono kaSomandla owele phansi, kodwa amehlo akhe engamboziwe, uthi:
Babulala amakhosi amahlanu akwaMidiyani u-Evi, uRekhemi, uZuri, uHure, noRebha. UBhileyamu, indodana kaBheyori, naye bambulala ngenkemba.
Ngiqinisile ngithi kini: kuyakuba ngcono eSodoma naseGomora ngosuku lokwehlulelwa kunakulowo muzi.”
“Kepha mayelana nalolo lusuku nalelo hora, akekho owazi utho ngalo, ngisho izingelosi zasezulweni, neNdodana uqobo; nguBaba kuphela.
“Akusibo bonke abathi kimi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kodwa kuphela yilowo owenza intando kaBaba osezulwini.
Ngithi kini: kuyakuba ngcono kwabaseSodoma ngalolo lusuku kunakulowo muzi ngomhla wokwehlulela.”
Lokho ayekukhuluma kwakungaveli kuye, kodwa ngenxa yokuba wayengumphristi omkhulu ngalowo nyaka, wayephrofetha ngokufa uJesu azakufa ngakho, efela isizwe;
Kepha nina bazalwane anikho ebumnyameni, ukuze lolo suku lunifice ningazelele, njengesela,
lapho ifika ukuba ikhazimuliswe kubo abangcwele bayo, idunyiswe ngalolo lusuku yibo bonke abakholwayo, ngokuba nakholwa ngukufakaza kwethu.
okungenxa yalo ngihlupheka. Kodwa anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa kuye, futhi nginesiqiniseko sokuthi Yena unamandla okulondoloza lokho angithwese khona, kuze kufike lolo lusuku.
Sengathi iNkosi ingamenza athole ububele ngalolo lusuku. Wena ukwazi kahle konke angenzela khona e-Efesu.
manje sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo lusuku iNkosi, umehluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kodwa bonke abakuthandile ukubonakala kwayo.