“Mawubuyisane noNkulunkulu, ukuze ube nokuthula; ngaleyo ndlela, okuhle kuyakufika kuwe.
Mathewu 5:25 - IsiZulu 2020 “Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni, funa olwa nawe akunikele kumehluleli, umehluleli akunikele esikhonzini, uphonswe ejele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni, funa olwa nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni. Baasraak Zulu New Testament Bible Vumelana masinyane nesitha sakho, usesendleleni naso; funa omelene nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni. Contemporary Zulu Bible 2024 Vumelana masinyane nesitha sakho, usesendleleni naso; funa omelene nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni. |
“Mawubuyisane noNkulunkulu, ukuze ube nokuthula; ngaleyo ndlela, okuhle kuyakufika kuwe.
Makuthi bonke abethembekileyo bakhuleke kuwe ngesikhathi senhlupheko; impela isikhukhula esinamandla asiyukufinyelela kubo.
Ungasheshi uphume uye enkantolo, ngokuba uyokwenzenjani ekugcineni, lapho umakhelwane wakho esekuthela ngehlazo na?
Kepha uPhethro wamlandela uJesu ebuqamama, kwaze kwaba segcekeni lomphristi omkhulu. Naye wangena ngaphakathi, wahlala phansi nezikhonzi ukuze abone isiphetho.
Kulowo muzi kwakukhona futhi umfelokazi owayelokhu egqigqa, ethi kuye: ‘Ngenzele ubulungiswa maqondana nomelene nami.’
ngokuba uthi: “Ngesikhathi esihle ngikuzwile nangosuku lwensindiso ngakuhlenga.” Qaphela, manje sekuyisikhathi esihle kakhulu. Impela, manje wusuku lwensindiso.
Niyazi ukuthi kamuva esethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, akabe esalithola ithuba lokuphenduka, nakuba esekufunisisa ngezinyembezi.
kodwa gqugquzelanani imihla ngemihla inqobo nje uma kusathiwa namuhla, ukuze kungabi bikho kini eyenziwa lukhuni inhliziyo yakhe ikhohliswa yisono.