izwe lobumnyama nesiphithiphithi sobumnyama, lapho ukukhanya kufana nobumnyama.’ ”
Mathewu 4:16 - IsiZulu 2020 isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu; nababehlezi ezweni esigayegayeni sethunzi lokufa, ukukhanya kubakhanyisele.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu, nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa kuphumele kubo ukukhanya.” Baasraak Zulu New Testament Bible Abantu ababehlezi ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; nabahlezi ezweni nasethunzini lokufa ukukhanya kuye kwaphumela obala. Contemporary Zulu Bible 2024 Abantu ababehlezi ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; nabahlezi ezweni nasethunzini lokufa ukukhanya kuye kwaphumela obala. |
izwe lobumnyama nesiphithiphithi sobumnyama, lapho ukukhanya kufana nobumnyama.’ ”
Ubumnyama nethunzi lokufa makunikwe lona, kuhlale ifu phezu kwalo, ubumnyama bosuku bulethuse.
Abukho ubumnyama, nesigayegaye asikho, lapho abenza inkohlakalo bengacasha khona.
Akuyukubabikho bumnyama kulabo ababehlupheka. Ngesikhathi esedlule uSimakade wathobisa elakwaZebuloni nelakwaNafethali, kodwa ngomuso uyokwenza ihlonipheke indlela eya olwandle, ezweni elingaphesheya kweJordani, eGalile labezizwe.
Abantu ababehamba ebumnyameni, babonile ukukhanya okukhulu. Labo abahlala ezweni elimnyama bhuqe, ukukhanya kuyakubakhanyisela.
Mnikeni uSimakade uNkulunkulu wenu udumo, engakabulethi ubumnyama, zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwalala, niyokuthi nisabheke ukukhanya akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye sobumnyama.
lowo owenza isilimela nomthala, oguqula ubumnyama bube yintathakusa, aphendule ubusuku bube yimini, obiza amanzi olwandle, awathululele phezu komhlaba, igama lakhe nguSimakade,
Sitha sami, ungasini ngethambo lami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uSimakade uyakuba ngukukhanya kwami.