Zayiphendula zathi: “Yindoda ebiphuphuzela uboya, ibhince ibhande lesikhumba okhalo lwayo.” Yayisithi: “Bekungu-Eliya waseThishibhi.”
Mathewu 3:4 - IsiZulu 2020 UJohane wayenengubo yoboya bekameli noqhotho lwesikhumba okhalo lwakhe. Wayedla izinkumbi noju lwasendle. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yena uJohane wayenengubo yoboya bekamela noqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; ukudla kwakhe kwakuyizinkumbi nezinyosi zasendle. Baasraak Zulu New Testament Bible Yena uJohane wayenengubo yoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; ukudla kwakhe kwakuyizintethe nezinyosi zasendle. Contemporary Zulu Bible 2024 Yena uJohane wayenengubo yoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; ukudla kwakhe kwakuyizintethe nezinyosi zasendle. |
Zayiphendula zathi: “Yindoda ebiphuphuzela uboya, ibhince ibhande lesikhumba okhalo lwayo.” Yayisithi: “Bekungu-Eliya waseThishibhi.”
Ngaleso sikhathi uSimakade wakhuluma ngesandla sika-Izaya, indodana ka-Amozi, wathi: “Hamba ukhumule indwangu eyisaka esokhalo lwakho, nezicathulo ezinyaweni zakho.” Wenza kanjalo, wahamba nqunu, engafake nazicathulo.
kuzo niyodla lezi: isikhonyane ngezinhlobo zaso, amaboni ngezinhlobo zawo, amadiye ngezinhlobo zawo, nezintethe ngezinhlobo zazo.
“Kuyakuthi ngalolo lusuku kube yilowo nalowo mphrofethi abe namahloni ngombono wakhe. Abayukuyigqoka ingubo enoboya ukuze bakhohlise.
“Niyabona-ke, ngiyakunithumelela u-Eliya umphrofethi, lungakafiki usuku lukaSimakade olukhulu nolwesabekayo.
Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe ezinofonofo na? Phela abembethe ezinofonofo basezindlini zamakhosi.
UJohane wayegqoke ingubo yoboya bekameli, ebophe umchilo woqhotho lwesikhumba okhalo lwakhe, edla izinkumbi noju lwasendle.
Uyakuhamba phambi kwayo enomoya namandla ka-Eliya ukuphendula izinhliziyo zawoyise, babuyisane nabantwana, abangalaleliyo babe nokuqonda kwabalungileyo, ukulungisela iNkosi isizwe esikulungiselweyo ukufika kwayo.”
“Wamkhweza ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, wadla izithelo zamasimu, wammuncisa uju edwaleni, namafutha eweni lensengetsha.
Ngiyakubanika igunya ofakazi bami ababili ukuba baphrofethe izinsuku eziyi-1 260, bembathiswe indwangu eyisaka.”