Kwasuka omunye wabali-12, okuthiwa nguJuda Iskariyothe, waya kubaphristi abakhulu,
Mathewu 26:47 - IsiZulu 2020 Kwathi esakhuluma; kwafika uJuda, omunye wabali-12, ehamba nesixuku sabantu esikhulu siphethe izinkemba nezinduku, sivela kubaphristi abakhulu namalunga esizwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Esakhuluma, bheka, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu sinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu namalunga esizwe. Baasraak Zulu New Testament Bible Esakhuluma, bheka, kwafika uJudasi, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu siphethe izinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu namalunga abantu. Contemporary Zulu Bible 2024 Esakhuluma, bheka, kwafika uJudasi, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu siphethe izinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu namalunga abantu. |
Kwasuka omunye wabali-12, okuthiwa nguJuda Iskariyothe, waya kubaphristi abakhulu,
Omkhaphelayo wayebanike isibonakaliso, wathi: “Lowo engiyakumanga nguye; mbambeni.”
Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphume kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku, nizongibamba na? Nsuku zonke bengifundisa ethempelini, kodwa anizange ningibambe.
“Madoda, bazalwane, kwakumele ukuba ugcwaliseke umbhalo, uMoya oNgcwele awukhuluma phambilini ngomlomo kaDavide ngoJuda owayengumholi walabo ababamba uJesu,