Kwathi emini u-Eliya wabachomela, ethi: “Memezani ngezwi elikhulu; noma engunkulunkulu, mhlawumbe uyazindla, noma uthathe uhambo, noma ulele, udinga ukuvuswa.”
Mathewu 26:45 - IsiZulu 2020 Wayesephindela kubafundi, wathi kubo: “Namanje nisalele, niphumule. Phela ihora selisondele; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zezoni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona wafika kubafundi, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula; bhekani, ihora selisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni. Baasraak Zulu New Testament Bible Wayesesiza kubafundi bakhe, wathi kubo: “Nisalele manje, niphumule; bhekani, isikhathi sesisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni. Contemporary Zulu Bible 2024 Wayesesiza kubafundi bakhe, wathi kubo: “Nisalele manje, niphumule; bhekani, isikhathi sesisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni. |
Kwathi emini u-Eliya wabachomela, ethi: “Memezani ngezwi elikhulu; noma engunkulunkulu, mhlawumbe uyazindla, noma uthathe uhambo, noma ulele, udinga ukuvuswa.”
Jabula nsizwa ebusheni bakho, inhliziyo yakho ayikujabulise ezinsukwini zobusha bakho. Landela izindlela zenhliziyo yakho, nakho konke okubonwa ngamehlo akho, kodwa khumbula ukuthi uNkulunkulu uzokwehlulela ngazo zonke lezo zinto.
Wathi: “Hambani niye emzini, kumuntu othile, nithi kuye: ‘Uthi uMfundisi: Isikhathi sami sesiseduze; ngizakwenza iPhasika kwakho nabafundi bami.’ ”
“Niyazi ukuthi emuva kwezinsuku ezimbili kuzakuba yiPhasika; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuze ibethelwe esiphambanweni.”
Wayeseqhubeka ibangana, wawa phansi, wathandaza ukuba uma kungenzeka, mawedlule lo mzuzu.
Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla ukuba nimelane nami, kepha manje yithuba lenu leli, namandla obumnyama.”
UJesu wabaphendula, wathi: “Sesifikile isikhathi sokuba iNdodana yomuntu ikhazimuliswe.
“Manje umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Ngithi Baba, ngisindise kulo mzuzu na? Kepha kungenxa yalokhu ngifinyelele kulo mzuzu.
Kwathi sekuzakuba nguMkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi sesifikile isikhathi sakhe sokuba amuke kulo mhlaba aye kuYise, kepha wayebathandile abangabakhe abasemhlabeni kwaze kwaba sekugcineni.
UJesu wakhuluma lezi zinto, wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sesifikile, khazimulisa iNdodana, ukuze iNdodana ikukhazimulise.