Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




Johane 12:27 - IsiZulu 2020

27 “Manje umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Ngithi Baba, ngisindise kulo mzuzu na? Kepha kungenxa yalokhu ngifinyelele kulo mzuzu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 “Kalokhu umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Baba, ngisindise kulo mzuzu. Kodwa ngenxa yalokhu ngize kulo mzuzu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Kalokhu umphefumulo wami ukhathazekile; futhi ngizothini? Baba, ngisindise kulelihora, kodwa ngenxa yalokhu ngize kuleli hora.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Kalokhu umphefumulo wami ukhathazekile; futhi ngizothini? Baba, ngisindise kulelihora, kodwa ngenxa yalokhu ngize kuleli hora.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 12:27
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umphefumulo wami uyesaba kakhulu, kepha Wena, Simakade, kuyoze kube nini na?


Umphefumulo wami ugcwele izinsizi, ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo.


Ngingathini na? Phela ukhulumile kimi, futhi ukwenzile yena. Ngiphelelwe ngubuthongo ngenxa yomunyu emphefumulweni wami.


Yayidelelekile, yashiywa ngabantu, umuntu wobuhlungu okujwayele ukugula; yayeyiswa, injengofihlelwa ubuso ngabantu, asiyishayanga nto yalutho.


Kwathi ngaleso sikhathi uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo, nakulabo abanokuqonda, kodwa wakwambulela izingane.


Yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.


Wabuye wahamba okwesibili, wakhuleka wathi: “Baba, uma le ndebe ingenakudlula kimi ngingakayiphuzi, mayenziwe intando yakho.”


Wayesephindela kubafundi, wathi kubo: “Namanje nisalele, niphumule. Phela ihora selisondele; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zezoni.


Esosizini olunzima, wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaze zaba njengamathonsi egazi econsela emhlabathini.


Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla ukuba nimelane nami, kepha manje yithuba lenu leli, namandla obumnyama.”


Balisusa-ke itshe. UJesu waphakamisa amehlo akhe, wathi: “Baba, ngiyakubonga, ngokuba ungizwile.


UJesu wabaphendula, wathi: “Sesifikile isikhathi sokuba iNdodana yomuntu ikhazimuliswe.


UJesu esekushilo lokho wakhathazeka emoyeni, wayesefakaza ngokusobala ethi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: omunye wenu uzakungikhaphela.”


Wayesethi uPilatu kuye: “Kanti uyinkosi ngempela na?” UJesu waphendula, wathi: “Usho khona ukuthi ngiyinkosi; ngokuba ngazalelwa lokho, ngafikela lokho emhlabeni, ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.”


Lithembekile leli lizwi, futhi lifanele impela ukwemukelwa, elithi: uKhristu uJesu weza emhlabeni ukuzosindisa izoni, engingesikhulu mina kuzo.


Ngakho-ke njengalokhu abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa kwakhe ambhubhise onamandla phezu kokufa; uSathane,


Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka