Mathewu 26:43 - IsiZulu 2020 Wabuyela kubo futhi, wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayegcwele ubuthongo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima. Baasraak Zulu New Testament Bible Wasebuya wabafica belele, ngoba amehlo abo ayenzima. Contemporary Zulu Bible 2024 Wasebuya wabafica belele, ngoba amehlo abo ayenzima. |
Umkhuzi wamatilosi weza kuJona, wathi: “Ungalala kanjani uhuqe ubuthongo kunje? Vuka ubize owakho uNkulunkulu, mhlawumbe angasizwa, singashabalali.”
Wabuye wahamba okwesibili, wakhuleka wathi: “Baba, uma le ndebe ingenakudlula kimi ngingakayiphuzi, mayenziwe intando yakho.”
Kepha uPhethro nababenaye babelele zwi, kodwa kuthe sebephapheme, babona inkazimulo yakhe namadoda amabili ayemi naye.
Insizwa ethile, igama layo linguYuthikhusi, yayihleli efasiteleni, yazunywa ngubuthongo obunzima, ngokuba uPawula wayeshumayele isikhathi eside, seyehlulwe ngubuthongo, yawa isuka esitezi sesithathu, yathathwa isifile.
Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso. Ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu. Lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.