Bayangihlasela, bangicuthele, baqaphe izinyathelo zami, baqamekele umphefumulo wami.
Mathewu 26:3 - IsiZulu 2020 Kwabuthana abaphristi abakhulu namalunga esizwe emzini womphristi omkhulu okuthiwa nguKhayifase. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona kwabuthana abapristi abakhulu namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase. Baasraak Zulu New Testament Bible Khona babuthana abapristi abakhulu, nababhali, namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase; Contemporary Zulu Bible 2024 Khona babuthana abapristi abakhulu, nababhali, namalunga esizwe egcekeni lompristi omkhulu othiwa uKayafase; |
Bayangihlasela, bangicuthele, baqaphe izinyathelo zami, baqamekele umphefumulo wami.
Kepha mina nganginjengewundlu eliholwa liyohlatshwa; ngangingazi ukuthi kanti bangicebela amacebo, bethi: “Masisicekele phansi isihlahla nezithelo zaso, simnqume ezweni labaphilayo, ukuze igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”
Kepha uma ningangilaleli nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo nxa ningena emasangweni eJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyophemba umlilo emasangweni alo, oyongqongqisa izinqaba zeJerusalema, futhi ongenakucinywa.” ’ ”
UPhethro wayehleli phandle egcekeni, enye yamantombazane yeza kuye, yathi: “Nawe ubunoJesu waseGalile.”
Amabutho ombusi ayesemthatha uJesu, amngenisa enqabeni, ayeseqoqela kuye iviyo lonke lamabutho.
UPhethro wamlandela ebuqamama, waze wangena egcekeni lomphristi omkhulu. UPhethro wahlala nezikhonzi, otha umlilo.
Kwathi uPhethro esesegcekeni ezansi, kwafika enye yamantombazane omphristi omkhulu,
Amabutho ayesemhola, amngenisa endlini ethiwa iPhrethoriyu, aqoqela ndawonye lonke ibutho.
Sebewubasile umlilo phakathi negceke, bahlala phansi ndawonye; uPhethro wahlala nabo.
ngesikhathi u-Anase engumphristi omkhulu kanye noKhayifase, kwafika izwi likaNkulunkulu kuJohane, indodana kaZakhariya, esehlane.
Abaphristi abakhulu nabaFarisi babekhiphe umyalo wokuthi uma kukhona owaziyo ukuthi ukuphi, ababikele, ukuze bambambe.
Khona bamhola uJesu esuka kuKhayafase, bamyisa enkundleni yokwehlulela; kwakusekuseni. Kepha bona kabangenanga enkundleni yokwehlulela ukuze bangazingcolisi, kodwa bakwazi ukudla iPhasika.