Mathewu 24:43 - IsiZulu 2020 Kepha yazini lokhu ukuthi, ukuba umninindlu ubazi ukuthi isela liyakugasela nini ebusuku, ubeyakulinda, angavumi ukuba indlu yakhe igqekezwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha anokwazi lokhu ukuthi, uma umninindlu ebewazi umlindo isela eliyakufika ngawo, ubeyakulinda, angavumi ukuba indlu yakhe ifohlwe. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa yazini lokhu, ukuthi uba umninindlu ebesazi ukuthi isela lizafika ngawuphi umlindo, ubezalinda, njalo ubengayikuvuma ukuthi indlu yakhe igqekezwe. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa yazini lokhu, ukuthi uba umninindlu ebesazi ukuthi isela lizafika ngawuphi umlindo, ubezalinda, njalo ubengayikuvuma ukuthi indlu yakhe igqekezwe. |
Ngakho-ke nani hlalani nimi ngomumo, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ningazelele.
“Zisahambile ukuyokuthenga, wafika umyeni. Lezo ezazilungele, zangena naye edilini lomshado; kwase kuvalwa umnyango.
“Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi umnikazi wendlu uyakufika nini, noma kusihlwa, noma kwesikabhadakazi, noma ngokukhala kwezinkukhu noma ekuseni,
wababona ukuthi banobunzima obukhulu lapho begwedla, ngokuba umoya wawuphambana nabo. Kwathi ngomlindo wesine wobusuku, weza kubo ehamba phezu kolwandle; kwaba sengathi uyadlula kubo.
Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi noma inkosi yazo ifika kwesikabhadakazi noma entathakusa, izifumane zilindile.
Kepha-ke yazini lokhu, ukuthi uma umninindlu ebesazi isikhathi isela eliyakufika ngaso, ubengayukuvuma ukuba indlu yakhe igqekezwe.
Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.”
Qaphelani, ngiyeza njengesela; ubusisiwe olindayo, alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze babone ihlazo lakhe.
Ngakho-ke khumbula ukuthi wemukela, wezwa kanjani, ukugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela; kawusoze walazi ihora engiyakufika ngalo kuwe.