Ohlakaniphileyo uyayibona ingozi, acashe, kodwa abangenalwazi bayaphikelela, bajeziswe.
Mathewu 24:16 - IsiZulu 2020 AbaseJudiya mababalekele ezintabeni; IBHAYIBHELI ELINGCWELE khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, Baasraak Zulu New Testament Bible Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni; Contemporary Zulu Bible 2024 Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni; |
Ohlakaniphileyo uyayibona ingozi, acashe, kodwa abangenalwazi bayaphikelela, bajeziswe.
“ ‘Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kini,’ kusho uSimakade: ‘Sokuthi ngiyakunijezisa kule ndawo ukuze nazi ukuthi impela amazwi ami amabi okumelana nani, ayakwenzeka.’
“Bantu bakwaBhenjamini, balekani niyocasha, nisuke eJerusalema, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBhethi Hakeremi, ngokuba inhlekelele ilunguza ivela ngasenyakatho nokubhubhisa okukhulu.
UJesu esezelwe eBhethlehema eJudiya ngezinsuku zokubusa kukaHerode inkosi; bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zathi:
“Ngakho-ke uma nibona amanyala anyantisayo, akhuluma ngawo uDaniyeli umphrofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele ukuthi kusho ukuthini.
Ngokukholwa, uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, ehlonipha uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, ngokwenza kanjalo wawehlulela umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.