Mathewu 24:11 - IsiZulu 2020 Kuyakuvela abaphrofethi mbumbulu abaningi, badukise izindimbane zabantu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi. Baasraak Zulu New Testament Bible Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi. Contemporary Zulu Bible 2024 Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi. |
Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga. Bayakuveza izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, abakhethiweyo.
Ngokuba kuyakufika abaningi ngegama lami, bathi: ‘Mina nginguKhristu,’ badukise abaningi.
“Xwayani abaphrofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.
Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze, uma kungenzeka, badukise abakhethiweyo.
naphakathi kwenu kuzakuvela amadoda akhuluma okudukisayo, ayenge abafundi ukuba bawalandele.
Manje uMoya usho ngokucacileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, banake imimoya edukisayo nezimfundiso zamadimoni,
Kepha kwakukhona nabaphrofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba naphakathi kwenu kuzokuba khona abafundisi bamanga abazongenisa ngesinyenyela izimfundiso ezidukisayo nezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bazilethele ukubhujiswa okusheshayo.
Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokhu nezwa ukuthi uyeza umphikukhristu; namanje-ke sekukhona abaphika uKhristu abaningi, ngalokho sesiyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina.
Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa bahloleni omoya ukuthi ngabe bangabakaNkulunkulu yini. Ngokuba baningi abaphrofethi bamanga abaphumele ezweni.
Ngokuba abathile sebengene isinyenyela phakathi kwenu, okwalotshwa ngabo phambilini ukuthi bamiselwe ukubhujiswa njengabangalungile. Bahlanekezela umusa kaNkulunkulu wethu, bawenze ube yizaba zokwenza amanyala, beyiphika iNkosi yethu uJesu Khristu okunguYena kuphela uMbusi.
Isilo sabanjwa kanye nomphrofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo labo abemukela uphawu lwesilo nabakhuleka emfanekisweni waso. Labo bobabili baphonswa bephila echibini lomlilo elivutha isibabuli.