Ngakho inkosi yathukuthela, yathumela amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa nomuzi wabo.
Mathewu 22:8 - IsiZulu 2020 “Yayisithi ezincekwini zayo: ‘Idili lomshado selilungisiwe, kepha ababemenyiwe bebengafanele, IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Khona yathi ezincekwini zayo: ‘Umshado usulungiselwe, kepha abamenyiweyo bebengafanele; Baasraak Zulu New Testament Bible Khona yathi ezincekwini zayo: “Umshado usulungile, kepha abamenyiweyo bebengafanele. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona yathi ezincekwini zayo: “Umshado usulungile, kepha abamenyiweyo bebengafanele. |
Ngakho inkosi yathukuthela, yathumela amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa nomuzi wabo.
ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zemigwaqo, nimeme noma yimuphi enimtholayo ukuba eze emshadweni.’
UJesu wathi kubo: “Ikhetho lingalila yini umyeni esenalo na? Kepha ziyeza izinsuku lapho umyeni eyakususwa kulo; kulapho-ke lizakuzila khona.
Kepha labo okuzakuthiwa bafanele ukufinyelela kwelizayo nasekuvukeni kwabafileyo, kabaganwa futhi kabendiswa.
Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.”
UPawula noBharnabha bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekuswelekile ukuba izwi likaNkulunkulu lishunyayelwe kini kuqala, kepha njengalokhu nilinqaba, nizisholo nina ngokwenu ukuthi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani-ke, sesiphendukela kwabezizwe.
Lokho kungubufakazi obucacileyo bokwehlulela kukaNkulunkulu okulungileyo, ukuze kuthiwe ningabawulungeleyo umbuso kaNkulunkulu enihlupheka ngenxa yawo.
“Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.
“ ‘Nokho kusekhona abantu abambalwa eSardesi abangazingcolisanga izingubo zabo. Bayakuhamba nami bembethe ezimhlophe, ngokuba bafanele.